Ezokungcebeleka

Kugqekezwe umuzi kwashiywa konke kwebiwa inyoka

Fanelesibonge Bengu|Published

Inyoka, ogama layo uGumede, eyebiwe eParkgate ngoLwesihlanu

Image: Reaction Unit South Africa

ISELA ligqekeze umuzi oseParkgate, eVerulam, layeka konke obekusendlini lashaya lachitha noGumede, inyoka ebifuyiwe.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu lapho kwebiwe khona le nyoka eyi-Albino Corn engenabo ubuthi.

Inkampani yonogada iReaction Unit South Africa (Rusa) ibike ukuthi umnikazi womuzi ushiye uGumede ekuseni eya emsebenzini.

"Esebuya uthole ukuthi kulinyazwe i-burglar guard. Ukholwa ukuthi umsolwa ungene ngendluzula emzini wakhe wantshontsha inyoka," kusho iRusa.

Ithe uGumede unezinyanga eziyisithupha, ubude bakhe bulinganiselwa ku-60cm, unombala o-pink nomhlophe emzimbeni namehlo abomvu.

Inxuse ukuthi onolwazi ashayele ku-086 1234 333.