Ezokungcebeleka

Wenze okuhlukile kwi-Fill Up uCassper eveza ukuthi unkosikazi uzethwele

Published

UCassper ushintshe umshovo ku-Fill Up yakulo nyaka eveza izindaba ezimnandi zokukhulelwa kukankosikazi wakhe

Image: X

Umrepha wakuleli ongaconsi phansi kubalandeli bakhe uCassper Nyovest useveze ukuthi yena nonkosikazi wakhe uPulane Mojaki balindele ingane yabo yokuqala bendawonye.

UCassper Nyovest udalule lezi zindaba ekhonsathini yakhe yesikhombisa, i-Fill Up, ebibanjelwe enkundleni i-Toyota Stadium, e-Bloemfontein, ngoMgqibelo.

Abalandeli balo mrepha odabuka eNorth West bamangale kabi ngesikhathi sekunandisa yena, kubhanyazela izithombe zakhe nomkakhe okuhlale obala ukuthi izinyanga sezihambile ngempela..

Ngokuhamba kwesikhathi uCassper Nyovest ufake lezi zithombe ku-Instagram wabe esefaka nombhalo omncane othi uNkulunkulu ubusise yena nomkakhe ngengane enhle yentombazane.

"Kuningi kakhulu engikubungazayo. Mina nomkami uNkulunkulu usibusise ngengane enhle yentombazane. Ngigcwalisa yonke into !!! lol"

Lena yingane kaCasper yesibili njengoba enendodana ogama layo uKhotso nentokazi yaseThekwini athandana nayo isikhathi eside uThobeka Majozi.

Kwamangala abaningi le nsizwa enomkhiqizo wayo kagologo iBillaiat iveza izithombe zokuthi ishadelwa yile ntokazi enguPuleng. Lezi zithandani zabopha elikasofa silahlane ngo-Ephreli 2024 kungazelele muntu, babodwa abebezibuza ukuthi uThobeka usale nini ngoba akukaze kubikwe mkhuhlane othandweni lwabo.