UMASKANDA uMafikizolo uzonandisa kwiDrakensberg Extravaganza Music Experience eBergville, ngoDisemba 6
Image: Facebook
ZIPHENDULIWE izicelo zabathandi bomcimbi iDrakensberg Extravaganza Music Experience ezoba seWoodstock Dam Picnic Site, eBergville, ngoDisemba 6, njengoba abahleli sebeqinisekise ukuthi bazosakaza bukhoma umdlalo wamanqamu weCarling Knockout Cup.
Umdlalo, ophakathi kwe-Orlando Pirates neMarumo Gallants, ungosuku olufanayo nomcimbi. Uzoba sePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, ngesikhathi esingakaqinisekiswa.
Umhleli weDrakensberg Extravaganza Music Experience, uSipho Ndaba, uthe isinqumo sokufaka ama-screen okusakaza umdlalo basithathe emuva kokuzwa iziphakamiso zabantu abathe abafuni ukuthi ubaphuthe.
Nkosazana Daughter
Image: Sigciniwe
"Siyayihlonipha imibono yabantu abathanda kokubili umculo nezemidlalo. Ngokusakaza bukhoma umdlalo wamanqamu kuma-screen amakhulu, sikhanda inkundla lapho abalandeli bezohlanganyela khona ndawonye bajabulele umdlalo ngaphandle kokuphuthwa ngabaculi ababathandayo," kusho uSipho.
Uthe uhla lwabazonandisa luqinisekisiwe futhi kubalwa kubo uMawhoo, Nkosazana Daughter, uMafikizolo, Dladla Mshunqisi, Nkeshemba, Professor, Jumbo, Blaq Diamond, Goldmax nabanye.
Uhlelo luzophathwa ngabasakazi boKhozi FM, uMafresh noBingelela, abazobambisana nowayengumsakazi uNjinji (Mandla Magwaza) noSulkesi noSgxobo.
USipho uthe njengengxenye yokuthuthukisa amaciko endawo, bafake abaculi abayisithupha baseBergville, abathathu baseMnambithi nabathathu base- Estcourt.
Phakathi kwabo; ngoLucy Lu, Sonnet, Cat C, Mcypo, Dasoul, Mac, Physoh, Cracker nabanye.
"Sinxenxa abantu ukuthi basheshe bafike ukuze bengaphuthwa abaculi babo. Amasango azovulwa ngo-3 ntambama. Njengendlela yokubajabulisa, sithi ama-cooler box azongena mahhala ngaphambi kuka-6 okuzothi ngemuva kwalokho kube wu-R50," kuchaza uSipho.
Amathikithi asatholakala eTicketpro naseSpar ngo-R150 (esangweni azoba wu-R200) general, kuthi aweVIP abe wu-R600.
Related Topics: