Ezokungcebeleka

Ushiye ingoduso ezithwele uDJ oshone engozini yemoto

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DJ Volo Da Saint oshone engozini yemoto eThekwini, ngeSonto ekuseni

Image: Facebook

USHIYE emhlabeni ingoduso engateta noma nini abesanda kuyilobola, uDJ oshone engozini yemoto ngasesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport ngeSonto ekuseni.

UNkokheli "Volo Da Saint" Twabu ushone engozini yenzeke kuN2 ngabo-10 ekuseni.

Ngokwesitatimende sabezimo eziphuthuayo bakwa-IPSS Search & Rescue, imoto igingqike izikhawu yaze yayothanqazeka emzileni wezimoto ezibheke eningizimu.

Kulimale kanzima ababili oyedwa wabo washonela endaweni yesigameko.

Isolezwe lithole ukuthi uVolo ubesendleleni eya esikhumulweni sezindiza elibangise e-East London ngesikhathi ehlelwa yingozi.

"Ubedlala e-Rich (indawo yobumnandi) NgoMgqibelo, eseya e-East London," kusho umngani wakhe omkhulu uDJ Answer.

IMOTO obekuhamba ngayo uVolo Da Saint nomngani wakhe beya esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport ngeSonto

Image: IPSS S&R

U-Answer, obezwakala ukuthi uphatheke kabi ngokwenzekile, uchaze uVolo njengomuntu wabantu.

"Ngishayeke kakhulu. Bekunzima kakhulu sengiyombona emakhazeni. Ingozi yakhe yinto ebingenzeka kunoma wubani ngoba imoto ishaye ixhaphozi lamanzi ngoba belina yase iyashelela yagingqika," kuchaza u-Answer.

Uthe okubalulekile kuye njengamanje wukuthi afihlwe ngesizotha.

"Ubeqeda ukulobola ngo-Okthoba 25. Umkakhe ukhulelwe engateta noma yinini kusuka manje," kusho u-Answer.

UVolo ubengagcini ngokuba wuDJ njengoba ebehlela nemicimbi. Ubematasa nendumezulu yakhe yaminyaka yonke i-OR Tambo Homage Concert ezoba seBizana Village, ngoDisemba 23.

Kuboshelwe uDumi Mkokstad, Mgilane, Umafikizolo, Dlala Thukzin nabanye.

Yena no-Answer bebezodlala ngokubambisana bezibiza ngeMarried DJz.

"Okubalulekile ukuthi afihlwe kahle ngesizotha. Umcimbi bekungeyona into yemali noma ifa ngoba unezindleko njengoba eshiya engaqedile ukuwulungiselela. Ubesakhokhe amadiphozithi. Abantu bengakhuluma ngoba abazi ngomkhakha wokuhlela imicimbi kodwa umndeni uzobona."

Esitatimendeni, okukholakala ukuthi ngesomndeni, ucelwe ukwesekwa ngalesi sikhathi osichaze ngokuthi sizima.

"Imininingwane mayelana nezinhlelo zezinkonzo zomngcwabo nesikhumbuzo izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi. Sicela nibambisane nathi," kusho isitatimende. UVolo uke wakhipha i-EP ethi Get Up ngokubambisana noJubsta ngo-2016. Yayiqanjwe ngengoma ababepike kuyo uLoveness.

Phakathi kwabababaze ngokushona kwakhe, kubalwa umsakazi weGagasi FM uHeazy, umsakazi weTruFM u-Abongile Mangala, uDJ Bruce nabanye.