UDLADLA Mshunqisi noBeast abakhiphe i-EP ngokuhlanganyela
Image: Sithunyelwe
KUFEZEKE isifiso seminyaka sokukhipha ndawonye kumrepha uBeast nomculi we-gqom uDladla Mshunqisi abadedele i-EP entsha iPuku Puku ngoLwesithathu.
Ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi iTikTok, ingoma okuqanjwe ngayo i-EP isematheni njengoba abaningi benza ngayo imidanso.
Lokhu, ngokusho kukaBeast, kwenze basheshe baphuthuma ukukhipha i-EP yabo enezingoma eziyisithupha.
"Sasithi senza isikhangiso somcimbi kaDladla ngasebenzisa le ngoma ngoba ngifuna ukuthi abantu bebe bezwa umsebenzi esiza nawo. Abantu bavele bayithanda kakhulu kwiTikTok benza ama-video asebheke ko-30 000 kuya ku-40 000 manje. Sibe nengcindezi yokuthi asivele sikhiphe manje abantu besayithanda," kusho uBeast.
Uthe lokhu wukufezeka kwento osekuneminyaka bekhuluma ngayo ukuthi basebenze ndawonye.
"Sizwana kakhulu ngoba sikhule ndawonye KwaMashu futhi sifunde ndawonye. Ngangihlale ngithi kuye, 'uke uzwe mngani wami ukuthi kuba mnandi kanjani uma sindawonye?'. Bese kuneminyaka sikhuluma. Ngithe uma ngibona sengathi umngani wami akasenawo lo muzwa wokufuna ukukhipha umculo njalo ngathi okuzosisiza wukuthi singene e-studio. Ngenxa yokuzwana kuhlangane lezi zingoma," kuchaza uBeast.
Uthe iphume ngaphansi kwenkampani yakhe iNjandini Entertainment njengoba engasaqophi kwi-Afrotainment. Yize kunjalo kodwa uthe abaxabananga kuphela nje wukuthi bese efuna ukukhula emculweni nangokwebhizinisi.
"Enkampanini kukhona uphrojusa noJr Emoew esimpikile kwi-EP."
Abanye abapikiwe ubale uSpirit Banger, Dankie Boi, DJ Tira, We Dem Boyz, Captain, Ntwana R, Tyler ICU nabanye.
"Sihlela ukuthi siqophe i-video yePuku Puku ngesonto elizayo. Sifuna ukuyiphusha ngamandla ngoba kukhona abathi bangayivotela ukuthi ihlukanise unyaka. Wukuphawula esikubona nsukuzonke kuzo zonke izinkundla zokuxhumana. Sifuna ukuyiphushela ukuhlukanisa unyaka kuKhozi FM nakwezinye iziteshi."
UDladla ulungiselela ukusingatha umcimbi wakhe Usuku Lomshunqo ozoba sePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoNovemba 29.
Related Topics: