UT'ZOZO ohlela umcimbi Umgababa New Year's Picnic ngokuhambisana noTate Mchunu
Image: Sithunyiwe
IZOSINGATHWA ngoJanuwari 3, indumezulu yomcimbi wokuqala unyaka Umgababa New Year's Picnic ozoba sebhishi eMgababa.
Lokhu kuqinisekiswe womunye wabahleli balo mcimbi, uTate Mchunu, kulandela ukudideka ngesimemezelo sikaMasipala weTheku sokuthi awuyifuni imicimbi emabhishi ngamaholidi kaDisemba.
Umasipala uhlabe ikhwelo kubahleli bemicimbi yangesikhathi samaholidi okuphela konyaka ukuthi bafake izicelo zokuyisingatha engakashayi u-4 ntambama kusasa.
Umasipala uthe imicimbi ngeyaphakathi kukaDisemba 1 noJanuwari 31, 2026.
Ngokwesimemezelo, ayifuneki imicimbi emabhishi okubhukudwa kuwo engase ephazamise abantu ngoDisemba 16, 26 nango-31. Kuthiwa ayifuneki futhi nangoJanuwari 1 kuya kuJanuwari 3.
Lokhu bekuzothinta nomcimbi Umgababa New Year's Picnic ngokujwayelekile obusingathwa ngoJanuwari 1.
Nonyaka nokho, uhlehliselwe uJanuwari 3 okuyisinqumo esamenyezelwa izikhangiso seziphumile.
"Basihlehlisa kwamasipala ngonyaka odlule, bathi asiwenze ngomhla ka 3, nokuyinto esayivuma. Nakulokhu sizowenza ngawo emuva kokuyofaka isicelo kwamasipala," kusho uTate.
Uthe bake bakucabanga ukuwenza ngoJanuwari 4, kodwa babona ukuthi kuzothwalisa kanzima izihambeli.
"Inkinga wukuthi umhla ka-4 ungeSonto, ngakusasa wuMsombuluko, nokuzoba nzima ukuthi abantu bavuke ngoba abaningi bazobe bebuyela emsebenzini," kuchaza uTate.
Uthe ekupheleni kwenyanga, bazobe sebeqala bememezela abantu abazobe benandisa emcimbini wabo.
Related Topics: