Ezokungcebeleka

Kuzoshintsha ukwenza kumaSama anonyaka

Fanelesibonge Bengu|Published

USJAVA ungomunye wabaqokwe kakhulu kumaSouth African Music Awards anonyaka

Image: Sithunyelwe

INKINGA yemali ingezinye zezidale ukuthi imiklomelo amaSouth African Music Awards (Sama) enziwe ngendlela ehlukile kunakuqala.

Lezi zindaba zidalulwe nguNhlanhla Sibisi oyisikhulu seRecording Industry of South Africa (RiSA) okuyiyona eyengamele amaSama.

USibisi uveze ukuthi banenkinga yoxhaso okungeyona into ebhekene nabo bodwa.

"Yinkinga esibhekene nayo sonke. Izinkampani eziningi sezinciphise imali eziyichitha ngokukhangisa futhi nohulumeni unezinkinga zawo. Izinkampani ezinye zizenzela imicimbi yazo noma zikhangise ezinkundleni zokuxhumana. Ngonyaka odlule, senze umcimbi omkhulu kodwa kulo nyaka sizinto zishintshile," kusho uSibisi.

Uthe baphothula amalungiselelo omcimbi wanonyaka nendlela ozosingathwa ngayo.

"Nginesiqiniseko sokuthi kuzoshaya uLwesine (namuhla) sebenithintile ngokuthi umcimbi uzoba nini nendlela ozoba ngayo. Sizomemezela nabaculi abaphambili emunxeni weRecord of the Year," kuchaza uSibisi.

AmaSama anonyaka kuzoba ngaka-31 ekhona.

USjava, Kelvin Momo neBlack Motion yibona abahamba phambili ngokuqokwa kulo mcimbi.

USjava uqokwe emunxeni iBest Afro Pop Album nge-albhamu yakhe ethi Isibuko waphinda kuwona lo munxa waqokwa ngeNkanyezi. Uphinde wavela emunxeni iBest Engineered Album ngeSibuko.

UKelvin Momo uqokwe kabili emunxeni iBest Amapiano Album, ngeSewe nethi Momo Letwaba. Uphinde waqokwa emunxeni iBest Collaboration ngengoma ethi Waze Wamuhle.

I-Black Motion iqokwe emunxeni iBest Collaboration, Best Dance Album neBest Engineered Album.