Thuthuka Mthembu
Image: X
Thuthuka Mthembu
Image: X
Mduduzi Mabaso
Image: X
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
UMUSA ozama ukweqa uyabanjwa ezama ukubamba inkunzi. UMapula uvikela isinqumo sakhe sokushiya u-Ezekiel imali enkulu emafeni akhe. UMusa ubukisa ngomcebo wakhe kuSoka, uyamdelela kodwa uMampho kukhona izinsolo anazo. Udokotela uveza izindaba ezikhathazayo ngemuva kokuxhumana nosolwazi, umdlavuza kaMapula kubukeka sengathi ngeke usalapheka. Umndeni uyabungaza, yize u-Ezekiel efihla ukungaphatheki kahle kwakhe. UMusa uyaqhubeka nokuqhosha ngomcebo wakhe asanda kuwuthola, ubukisa kuJosphat endaweni yokucima ukoma futhi uheha amantombazane amahle. UMsizi (Mduduzi Mabaso) uyafika uthola uMusa noSpitjo bexabana ngokuntshontshwa kwemoto yohlobo oluphambili ebusuku bayizolo. UMusa uphoxekile ukuthola imali ejwayelekile yize imoto ingoyohlobo oluphambili.
INIMBA
Ngo-9.30 ebusuku, kuMzansi Magic
U-LAZARUS noZoleka bayaxabana ngokuthi balikhulume iqiniso noma cha. UDice uthola iqhinga eliyingozi elihlelwa uSydney. UZoleka uyahluleka ukuthwala umthwalo abhekene nawo. UNomfundiso uxwayisa abakwaNgcukana ukuthi amadlozi ababhekile. UThumeka uya kuHlathi uyombuza ngokufuna ukwazi izinto eziningi. UZoleka uyahluleka ukumelana nesithunzi esilokhu sigubuzele umuzi wakhe. UZoleka utshela uThumeka ngomthwalo omsindayo awuthwele. Iqhinga likaSydney ngeCapital Bank libeka uMawethu (Prince Grootboom) no-Onga engcupheni yokuthi baxoshwe. Okufunwa uLinda usengcupheni yokuthi kuhlukanise abasebenzi baseKhusela. Ukugula kowomndeni kuphoqa uZoleka nabathandiweyo bakhe ukuthi babhekane nento akade bengayicabangi. UDice ufuna uSydney alethe lokhu akade emthembise khona. Izinhloso zikaHlathi zokufuna enye ingane zishiya imibuzo eminingi.
Prince Grootboom
Image: X
ITHONGA
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
UBANELE ekugcineni uyakuletha akade ekuthembisile futhi utshela umama wakhe ngokwenzekayo nokwenza uMaKhumalo athuke. UPhinda ukuthola kunzima ukusuka eduzane kukaZama. UMbali uthatha amashansi futhi uyakuvumela ukuthandana nomuntu omusha. UPhethile uyabuya ekhaya, nokushiya uNokwanda noMbongeni beshintshile unomphela. Isihambeli esifika noBanele esidlweni sasemini simangaza umndeni wakwaMagwaza. Uthando lukaMbali nowesilisa ongaziwa luyakhula. Izilonda ezindala kubonakala sengathi zizohlukanisa phakathi umndeni wakwaDladla. UBanele ufundisa umndeni wakwaMagwaza nowakwaNtanzi isifundo. UPhinda uphindele emuva emgwaqweni futhi uMandla uyalusukumela lolu daba ngokungasho lutho kuMbali nabakwaNtanzi.
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku, kwi-SABC1
ISINQUMO sikaMaDongwe sidala ukungezwani emzini wakhe. UNkunzi ufundisa uNkazimulo ukuthi abe nokulinda. UNkazimulo udala ukungezwani ephathini kaDavid. UPrince uyakwazi ukuguqula umqondo kaScrewdriver noMzwezwe njengoba ebacela imali yabo abayibekile. Imfihlo kaNkunzi noJo-Ann iba nobufakazi. UMadlala ufuna uMaDongwe aveze imfihlo yakhe. Kukhona ukungezwani phakathi kukaNkazimulo noNkunzi. UClayton usabisa uNkunzi ukuthi ahambele kude nomama wakhe. UJo-Ann udliwa unembeza kakhulu uma uBrandon ekhuluma kahle ngaye nokuba unkosikazi onesimilo. UNonka (Thuthuka Mthembu) uzwa ngoHleziphi ngomsebenzi awenzayo nabantu abaphethwe igciwane leHIV/AIDS. UGeja ubeka umbono kuNokuthula wokuthi akabaleke eNdlende.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwiSABC1
UKEA ukhathazekile ngoKhumo njengoba kuqhubeka ukwenzeka kwezinto ezingaqondakali. UMpho unesiqiniseko sokuthi kukhona umyalezo ofihliwe encwadini eshiywe uPele. UNokwazi uzama ukuthola amaphoyisa aqeqeshwe kakhudlwana ukuze kube yiwona abuyisa uNtando ekhaya. UNontle unokusaba kodwa uyasithatha isinqumo ngekusasa lakhe. UMpho uthatha isifungo ngekusasa lakhe. UMelokuhle akajabule njengoba kuqhubeka kwenzeka izinto ezingaqondakali endaweni ahlala kuyo. UKhumo ufikelwa isivakashi akade engasilindeleke. UMacAvoy uxwayisa uSam ngoNontle, nokuveza okuningi ngendawo asuka kuyo. UKhumo uyaphoqeleka ukuthi avume icala lokubulala, uyedwa kodwa ugcina ebanjiwe. Isimo esingesihle sase-Ezweni siphumela emphakathini. Uthando oluqhubekayo phakathi kukaSam, uVee noNontle luholela emiphumelweni engemihle.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
UTIRO uveza iqiniso eliholele ekulutheni uSammyday afune ukudicilela phansi uMdala ngakho konke anakho. Indoda edinga usizo ngokushesha yenza isicelo esikhulu kodwa bayayinqabela. UTiro utshala icebo elingelihle futhi ukwenza lokhu hhayi ngoba efuna ukubaqola. Umthandazo uthinta indawo engalindelekile kowesilisa futhi kukhona izinguquko ezenzakalayo. Indoda ewuhlupho ithola ukuthula kodwa futhi isheshe iyabona ukuthi umsebenzi awuphelile. Into engashintsha impilo kaPoet noThoriso iyafika kodwa kumele ikulindele ukungafunwa. Ngesikhathi uMdala esaphatheke kabi, uTaps ukhomba okuyena muntu owenza abe nezinkinga ezimhlasele. UTaps ubona ukuthi izinsolo zikaMdala zingaba ezijulile kunobekulindelekile. UNhloso uyabona ukuthi isitha sakhe siseduzane kakhulu futhi lokho akumhlalisi kahle. UThoriso uxhasa isinqumo esingashintsha okuningi.
Thuthuka Mthembu
Image: X