Ezokungcebeleka

Unobuhle waseMgungundlovu, akapheli umoya ngesikaMiss SA

Fanelesibonge Bengu|Published

ULUYANDA Zuma usephinde wangenela umncintiswano kaMiss South Africa

Image: Sithunyelwe

UNOBUHLE waseMgungundlovu owafinyelela esigabeni sabangu-10 abaphambili emncintiswaneni kaMiss South Africa ngo-2022, usephinde wangenela owalo nyaka ngoba ukuhlukumeza ngokobulili ayefuna ukulwa nakho akukapheli.

Ngesikhathi uLuyanda Zuma (23) engenele umncintiswano kwagcina kunqobe uNdavi Nokheri waseLimpopo.

Njengamanje usephinde wathumela umngenelo ngethemba lokudla isicoco sanonyaka. Ukwamukelwa kwemingenelo ebifakwa ezinkundelni zokuxhumana kuvalwe ngoLwesihlanu.

ULuyanda utshele Isolezwe ukuthi wangenela umncintiswano ngoba efuna ukushumayela ivangeli lokuqeda isihlava sokuhlukumeza ngokobulili nokucwasa ngokwebala.

“Isibalo sokuhlukumeza ngokobulili siyashaqisa futhi sengijule kakhulu ekuqondeni nokwenza ucwaningo olunzulu ukulwa nalesi simo. Ngikholwa wukuthi ukulwa nokucwasa ngokobulili kudinga ukuthi sigxile ekukhuliseni ngendlela esibabona njengababhebhethekisa lokho, okuyizingane zethu. Uma sizifundisa inhlonipho nobumnene singakha isizwe esiyihloniphayo impilo,” kusho uLuyanda.

Uthe akayi kulo mncintiswano njengomuntu oseshintshile kodwa osekhulile.

“Ngibonile ukuthi ukuba wumholi kusho ukuba yithemba lamantombazane asemancane amaningi. Ngigxile ekuqiniseni ubudlelwano nomphakathi, ngilalele izidingo zawo bese ngisungula imikhankaso ebheke ekulungiseni okuwumsuka wezinkinga ezikhungethe umphakathi.”

Uthe uma enqoba ubheke ekugqamiseni izikhalo zemiphakathi enganakiwe futhi eseke imikhankaso egqugquzela ukulingana.

Uveze ukuthi uzogxila ekuthuthukiseni abasakhula enze isiqiniseko sokuthi abaholi bakusasa bakhuliswa ngendlela.

Kusuka aba kuMiss SA ngo-2022, usebonakale emidlalweni ehlukene yethelevishini njengoba afundela iLive Performance e-Afda.

Emidlalweni abonakala kuyo kubalwa ne-Obstruction kuMzansi Magic.

Njengamanje ungomunye wabalingisi beShaka Ilembe, okuzoqala isizini yayo yesibili maduze. Udlala indawo kaLiana kuyona.

“Ngiyajabula ngokudlala lo mlingiswa ngoba kunezinto engizithandayo ngaye njengamandla akhe  nokuphokophelela. NgoLiana sizobheka okuhlukene ngoShaka okuveza okuphathelene nezothando nobuyena.”