UMSAKAZI woKhozi FM, uBoniswa Moto, oshade noSibonelo Mzebetshane ngempelasonto
Image: Facebook
USETHATHIWE ngokusemthethweni umsakazi woKhozi FM, uBoniswa Moto, oshade umshado omhlophe nowesintu eMzimkhulu, ngempelasonto.
UBoniswa owenza izinhlelo uNkulunkulu noMumuntu Omusha neYouth Keyona, ugane uSibonelo Mzebetshana
Ngokuthola kweSolezwe, umshado omhlophe ubesehhotela i-ANEW Resort Ingeli Forest, ephakathi kwaseHarding naseKokstad ngoLwesihlanu.
UDUDU Lady D Khoza edansa emshadweni kazakwabo Boniswa Moto eMzimkhulu, ngempelasonto
Image: Facebook
Owesintu nomabo ubuseMzimkhulu, kwamkhwenyana ngoMgqibelo.
UBoniswa, ophinde abe wummeli, naye udabuka eMzimkhulu.
Emcimbini wangoMgqibelo, kuthiwa bekukhona ozakwabo uDudu “Lady D” Khoza noNeliswa Cele. Abanye; umfundi wezindaba uNokwazi kaHadebe Mbhele noThozama Ngwenya osanda kujoyina iGagasi FM. Uhlelo beluphethwe usomahlaya, uMondli Mzizi, okuthiwa uyisihlobo sikaMzebetshana.
Umthombo obukhona emshadweni uthe ubumuhle futhi usezingeni.
“Kuqale ngomabo ngoMgqibelo, kwase kuba wuhlelo lwasetendeni. Cha, ubumuhle umcimbi wabo konke kuhlelekile, kukhombisa ukuthi bazinike isikhathi ukuwulungiselela,” kusho umthombo.
ULady D ufake amazwibela ekhasini lakhe le-Instagram ebahalalisela.
"Sifikile sabashadisa, savuya kakhulu. USbonelo ushadelwe uBoniswa. Halala kwabakwaMzebetshana!” kubhala uLady D.
Bobaboli uBoniswa noSibonelo bazinze eGoli, ngokomsebenzi.