USOMAHLAYA uSifiso Nene onomjikelezo iBecause of Success ezoba seSuncoast, eThekwini, ngoNovemba 8
Image: Sithunyelwe
UKUBA yingxenye yohlelo lweShowmax kumvulele iminyango eminingi usomahlaya uSifiso Nene onomjikelezo omusha ohambela izindawo okuhlanganisa nokuwelela phesheya kwezilwandle.
USifiso, odabuka eSigisi, eMpangeni, wayeyingxenye yohlelo losomahlaya iLaugh Africa Comedy Festival kwiShowmax.
Uthe yilo olumzalele umjikelezo wakhe omusha iBecause of Success. Uzungeze eGoli, Kapa, Mgungundlovu, Witbank, Bloemfontein, Welkom, Gqeberha, East London, Newcastle naseRichards Bay.
Ulungiselela ukuwuletha eThekwini ngoNovemba 8 ngaphambi kokudlulela e-Australia naseNew Zealand ekuqaleni kukaDisemba.
"Kulo mjikelezo ngihamba ngedwa. Ngicabanga ukuthi emuva kweminyaka umuntu ekule nto kumele kubonakale ukuthi ubenzani. Angisho ukuthi ukuhamba nabanye kunjani kodwa ngikhombisa ukukhula komsebenzi. Nami ngiyafisa ukufana noTrevor Noah ngibe yigama elivelele futhi elizimele embonini ngale kokuncika kumuntu," kusho uSifiso.
Lo somahlaya oneminyaka engu-18 ekulo msebenzi, uthe uhlelo lweShowmax lwenze wabonwa ngabantu bamazwe omhlaba nokuyingakho esesabalala.
"Ngaziphonsela inselelo yokuthi angizame ukukhula ngokwenza amahlaya ngesiNgisi ngoba selokhu umuntu aqala uwenza ngesiZulu. Yiwona asabalala kakhulu ngaze ngathola izimemo kwamanye amazwe ukuthi ngizonandisa. Ngithe kodwa kuzoba kuhle uma ngiqala lo mjikelezo ekhaya ngiwenze ngaso isiNgisi ngipholisheke kahle ngaphambi kokuthi ngiphume. Ngaphambi kweCovid-19 ngangizoya e-Ireland kodwa kwagicina kungenzekanga. Kusho ukuthi kwaba yisibusiso ngoba manje senginento ephathekayo evuthiwe," kuchaza uSifiso owazakhela udumo ewina uhlelo lwethelevishini iSo You Think You're Funny.
Uthe emcimbini wakhe ozoba seSuncoast Casino uzobe eqhulula amahlaya ngesiNgisi kakhulu ngoba enzela izinhlanga ezintsha esezingabalandeli bakhe.
"Angifuni ukulahlekelwa ngabalandeli abasha bengangizwa. Sizoba khona lapha nalaphaya isiZulu kodwa ngeke ngiqambe amanga, kuyangiphoqa ukuthi kube yisiNgisi esihamba phambili."
Uthe amahlaya akhe azobe ekhuluma ngempilo yakhe esuka emakhaya aze afike eSandton, eGauteng.
Umcimbi uzoqala ngo-8 ebusuku. Amathikithi adayisa eWebtickets nasePick n Pay ngemali eqala ku-R250.
Related Topics: