Ezokungcebeleka

Isidididi oKhozini kungqubuzana abaphathi

Fanelesibonge Bengu|Published

ULangalethu Cele ongumphathi wezinhlelo oKhozini noZandi Warlde onguMdidiyeli omkhulu

Image: Facebook

UKUNGABONI ngaso linye kwabaphathi boKhozi FM sekuphazamisa ukusebenza kwabadidiyeli bezinhlelo zomsakazo.

Leli phephandaba lithole ukuthi umdidiyeli omkhulu wezinhlelo uZandi Wardle ungqubuzana nomphathi omusha wezinhlelo uLango Cele.

Lokhu kuthiwa sekuphazamisa nokusebenza kwabadidiyeli abangazi ukuthi kumele balalele bani phakathi kwabo njengoba bekhipha imiyalelo eshayisanayo.

Esigamekweni sakamuva kuthiwa bathathane kuma-email kwashunqa uthuli kufakwe nabanye abasebenzi kuleyo nkulumo mpikiswano.

Umsindo kuthiwa ususwe wumhlangano wabadidiyeli ohlelwe nguLango, uZandi wangafakwa kuwo. Ngaphambi kwalokho ubengeyona ingxenye yomkhankaso wohlelo uSigiya Ngengoma wokushaya  indishi ngempelasonto.

Umthombo okhulume neSolezwe uthe: "UZandi uvele walwa wabhala njengomuntu othethayo sibuka sonke. Inkinga wukuthi ukhuluma ngolaka. Hhayi kule email kuphela kodwa indlela ayiyo unakho ukungakwazi ukukhuluma kahle. Noma ngabe banezinkinga bebodwa kodwa njengabasebenzi asingeni ndawo, kumele bazilungise bodwa bangalwi ngathi. Akahambisani nezinye zezinguquko uLango afika nazo futhi uma izinto zingahambi ngokufisa kwakhe weqa wonke umuntu ayoceba eGoli." 

Uthe uZandi ukhala ngokuthi uLango ugxambukela emsebenzini wakhe futhi ushintsha nendlela yokusebenza engahambisani naleyo esenkontilekeni yakhe.

Okhulumela iSABC, uMmoni Ngubane, ugqugquzele abanezikhalo ukuthi balandele imigudu efanele.

"I-SABC njengazo zonke izinkampani inemigudu nezinhlelo zangaphakathi zokuxazulula noma yiziphi izinkinga ezingase zivele kubasebenzi. Ngaphezu kwalokhu, iSABC ngokomgomo ayisoze ikhulume ngezinsolo zokuthi abasebenzi baphathene kanjani esidlangalaleni futhi igqugquzela abanezikhalo ukuthi balandele imigudu efanele," kusho uNgubane.