I-BMW 4 Series
Image: Sithunyelwe
ABANIKAZI bezimoto zakwaBMW ezingu-12 491 kumele bavakashele emagaraji aseduze ale nkampani ukuze bayoshintshelwa i-starter osekutholakale ukuthi kungenzeka sibe nenkinga.
NgokweNational Consumer Commission (NCC), izimoto ezithintekayo yi-3 Series (G20), 4 Series (G22), 5 Series (G30), Z4 (G29), X3 (G01) ne-X4 (G02) ezidayiswe yiBMW South Africa kusuka ngo-2016.
NgokweBMW, kutholakale ukuthi amanzi engangena kwi-starter bese siyaguga. Lokhu kungaholela ekutheni imoto ingadumi futhi sishise kakhulu.
Kokunye kungaholela ekutheni imoto igqamuke ilangabi okungenzeka ngisho imile.
“Abashayeli bayanxuswa ukuthi bagweme ukushayela phezu kwamanzi angase enze ukuthi i-starter sicwile kuwo ikakhulukazi uma kunethuba lokuthi imoto ime emanzini isikhathi eside. Esigamekweni okunamathuba amancane ukuthi senzeke sokuthi kube nomlilo, kungalimala abantu noma impahla,” kusho iNCC.
Inxuse abanikazi ukuthi bayise izimoto zabo emagaraji akwaBMW ukuze kuyoshintshwa i-starter mahhala.
Bengavakashela u- https://www.bmw.co.za/en/service-portal/bmw-technical-campaigns.html noma babheke imiyalezo emotweni ukubona ukuthi iyathinteka yini kulokhu.
Related Topics: