Ezokungcebeleka

UThenjiwe ubuya ekhaya ngomcimbi owehlukile

Fanelesibonge Bengu|Published

UTHENJIWE nosomahlaya abameme emcimbini wakhe ozoba sePlayhouse eThekwini, ngoLwesihlanu. Kusuka kwesokunxele uFlymotion, Thando Mseleku noMdura

Image: Sithunyelwe

UBUYA ekhaya ngomcimbi owodwa ngemuva kweminyaka emihlanu usomahlaya uThenjiwe Moseley ozoba esePlayhouse, eThekwini, ngoLwesihlanu.

UThenjiwe odabuka KwaMashu, wagcina ukuba nomcimbi kuleli dolobha ngoFebhuwari 2020, ngaphambi kokuthi kuqale umvalelandlini wokunqanda ukubhebhetheka kobhubhane legciwane iCovid-19.

Uthe umcimbi wakhe, iThenjiwe Unplugged, ungaphezu kokuba umsebenzi kodwa kufana nokubuyela ebantwini abamkhulisa.

"Sengihambele eziteji ezinkulu zosomahlaya emhlabeni kodwa akukho okudlula ukunandisela abantu bami eThekwini. Ngibuya nayo yonke into, izindaba, amahlaya neqiniso ngokuthi bengikuphi ngesikhathi umhlaba uvalwa," kusho uThenjiwe ozinze e-United Kingdom.

Lo somahlaya oneziqu zezifundo zomthetho azithola eNyuvesi yaseLondon naseLondon Metropolitan University, uzonandisa eThekwini nje, usanda kwenza adume ngazo emazweni aphesheya okubalwa eScotland emcimbini i-Edinburgh Festival.

Uthe ekuqaleni, abantu babezitshela ukuthi akakwazi ukukhuluma isiNgisi ngenxa yamahlaya akhe esiZulu awafaka ezinkundleni zokuxhumana. KuYoutube waziwa ngamahlaya lapho ezibiza khona ngoJudge Thenjiwe Khambule.

"Ngakujika konke lokho kunganaki, kwaba yimfundo egoqwe ngamahlaya. Ngiza nobuhlakani baselokishini KwaMashu nobemfundo yami yezomthetho futhi lokho kuhlangana kahle."

Uthe ezihlokweni azobe ezintinta kukhona zonke izinto abantu bakuleli abazikhuluma esithe. Uthe uzobe ethinta ipolitiki yasekameleni nasemasontweni, uthando, ukujikelana nezinye.

Emcimbini umeme osomahlaya uMdura waseSwatini, Thando Mseleku noFlymotion abazobe beshiyelana inkundla. Uthe ubakhethe ngoba ithalente alikho seGoli kuphela.

"Akumele sihlale siletha khona, kwesinye isikhathi kumele sikhiphe ithalente lasekhaya."

IThenjiwe Unplugged exhaswe yiSolezwe, iqala ngo-7 ebusuku. Amathikithi atholakala eWebtickets ngemali eqala ku-R250.