Ezokungcebeleka

Bafuna uhambele ezinye izindawo umcimbi wamahlaya

Fanelesibonge Bengu|Published

USOMAHLAYA uMondli Mzizi

Image: Sithunyelwe

BAZIMISELE ngokuthi udlondlobale ngaphansi kukaMasipala uMhlathuze abahleli bomcimbi wamahlaya oqale ngegiya eliphezulu eSikhaleni, ngoLwesihlanu.

Lo mcimbi, Inking’entsha Comedy Show, ubusehholo eMfolozi Tvet College, lapho izitshudeni ziphume ngobuningi bazo.

Umhleli wawo, uLondeka Ngwane wenkampani Ingwanelihle Trading, ubonge uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke ngokumxhasa ukuthi awenze ngempumelelo.

U-JUSTICE Kubheka ungomunye wabebenandisa emcimbini wamahlaya Inking'entsha Comedy Show obuseSikhaleni, ngoLwesihlanu

Image: Sithunyelwe

“NgingowaseSikhaleni ngakho kade ngifisa ukuthi kube khona into engingayenza ngasekhaya kwase kuba yiwo umcimbi wamahlaya. Kuhambe kahle konke, wonke umuntu ujabule,” kusho yena.

Uthe isifiso sakhe ukuthi umcimbi udlondlobale kungabi ukuthi ubuqala futhi ugcina.

“Isifiso esikhulu ukuthi uhlale khona eMhlathuze kodwa bese uzulazula izindawo mhlawumbe ngokuzayo ube KwaDlangezwa, kokunye ube seRichards Bay njalo njalo,” uqhube kanje.

ULondeka ubesizwa wusomahlaya onamava uMondli Mzizi ekuhleleni umcimbi.

UMondli obengomunye wabebenandisa, uthe usize njengomuntu owazi osomahlaya nosonkondlo abeshiyelana nabo inkundla.

Phakathi kwabebenandisa kubalwa kubo Amawele AseChestervillle, Ndlebe, Nonto R, Tsoro, Justice Kubheka, Ngane Ngane nabanye.

Bekukhona nosonkondlo uSbo Da Poet noLunacy Tee.

Kujabule izihlwele kutheleka kungazelele umlingisi uSibonakaliso Ngabade Mazibuko owethule abaculi bakamaskandi, uMjolisi noNavigator, nabo abebenandisa.