Ezokungcebeleka

Isematheni 'eyesehlukaniso' sikaShoba noPhumeza

Published

UPHuMEZA Shoba noMnqobi Shoba abangosaziwayo

Image: Instagram

FANELESIBONGE BENGU

ISEMATHENI eyamahlebezi okuthi umculi uMnqobi Shoba nomethuli wezinhlelo zethelevishini uPhumeza Shoba bayahlukanisa ngemuva kweminyaka beshadile.

UShoba noPhumeza baqala ukuthandana ngo-2007 futhi baneminyaka engu-11 beshadile.

UPhumeza wayengumculi enkampanini kaShoba, iShota Music ngaphambi kokugxila ekwethuleni izinhlelo nasekulingiseni.

UShoba wayedume ngesithakazelo sakwaMdabe, isibongo sikayise ayebiza sona ngaphambi kokuthatha esikanina uShoba.

Ngokombiko welinye lamaphephandaba aphuma ngeSonto, uPhumeza ushiye uShoba ngoba emhlukumeza emoyeni, engqondweni nangokungathembeki emshadweni wabo.

Kuthiwa ubudlelwano buphele ngoJulayi futhi uPhumeza uyalele abameli bakhe ukuthi bafake isehlukaniso enkantolo. Uzame ukuthi bahlukane ngokuthula bangabafaki abameli kodwa uShoba wangayingena leyo.

Umbiko uqhube wathi uPhumeza uzamile ukumxolela ngokumgangela kodwa wakuthola kunzima ngoba akasamethembi.

Uqhube wathi bebexabana njalo ngokuthi umshado wabo kumele uhambe kanjani. UShoba kuthiwa uphesheya uhamba njalo phakathi kuka-Ephreli no-Okthoba.

Kuthiwa uPhumeza ufuna bahlukanise ngokulingana amafa ahlanganisa izimoto iPorsche neVolvo futhi ufuna ukuthi amkhokhele u-R45 000 njalo ngenyanga no-R5 000 wokukhulisa indodana yabo engaboni emehlweni.

Kusuka kuvele le mibiko laba bobabili abakaze bathi vu.

Abantu nokho ezinkundleni zokuxhumana balokhu bephawula ngodaba.

UNtombehle124 kwi-X uthe ukuphingela umuntu oshade naye akuwona umshophi.

"Ngiyajabula ukuthi uPhumeza uzikhethe yena," kubhala uNtombenhle.

"UBlack Coffee uthuthele phesheya wabe eseyahlukanisa noMbali wathola intombi emodelayo yaseVenezuela. Umngani wakhe, uShoba, naye ohlala phesheya useyahlukanisa nomkakhe uPhumeza. Ngabe wumkhuba omusha lo? Ucabanga ukuthi uShoba uthole intombi emodelayo?" kubuza u-Andile Gogoda.

UMhlengi78 uthe uShoba ulahlekelwe wumfazi oqotho kuPhumeza futhi naye uyazi lapho ekhona.