Ezokungcebeleka

Usenikelelwe ngemali engaphezu kuka-R38 000 umlingisi onomdlavuza

Fanelesibonge Bengu|Published

USABELO Gumede ophumele obala ngokuphathwa wumdlavuza

Image: Instagram

SEKUPHONSWE imali engaphezu kuka-R38 000 esikhwameni sokuqongelela imali yokwelashwa komlingisi ophinde abe ngusomahlaya, uSabelo Gumede, ophethwe wumdlavuza osusesigabeni sesithathu.

USabelo, ophinde abonakale  nasezikhangisweni, udalule eyokugula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Yilapho efake khona ne-link eya ekhasini le-Go Get Funding lapho abantu bephonsa khona iminikelo.

Izolo bekuvela ukuthi sekufakwe u-$2 211 (R38 904, 31) ngabantu abangu-111. Isiyonke imali abhale ukuthi ufuna ukufika kuyo ngu-$25 000 (R439 895).

Echaza uthe ekuqaleni konyaka utholwe ene-choriocarcinoma athe ayijwayelekile kodwa iyalapheka nge-chemotherapy.

Lo mlingisi olingisa indawo kaPercy kwiScandal! uthe umdlavuza ususabalalele esiswini, emaphashini nasemgogodleni.

“Kuthathe izinyanga ezintathu zokuhlolwa nemali engaphezu kuka-R100 000 ngaphambi kokuthi ekugcineni ngithole izimpendulo,” kusho uSabelo.

Uthe ngenhlanhla i-medical aid yakhe iyakukhokhela ukwelashwa kwakhe kodwa ngenxa yokuthi sekusele izinyanga ezintathu, unovalo ngekusasa.

“Ukuphila ngendlela yokuzinakekela kubiza ngokuphindwe kathathu kunendlela ejwayelekile futhi uma umzimba wami ungaqhubeki nokwamukela ukwelashwa, ngingase ngibe senkingeni yemali. Ngibe nenhlanhla yokusebenza imisebenzi ekhokha kahle ngakho imali ayikaze ibe yinkinga kodwa okwamanje angisebenzi futhi engiyongile ilokhu incipha usuku nosuku.”

Uthe yingakho ephumela obala ecela usizo lweminikelo ezokhokhela izindleko zokuphila aze abuyele ekulingiseni.

Ukumnikelela ungena kule link:

https://gogetfunding.com/choriocarcinoma-cancer-bills-assistance/?fbclid=PARlRTSAMqWrVleHRuA2FlbQIxMAABp5t2O25j9nXZI4ZrEiZr7yXnT3qoBF2aenGM_HYx4WWd_CgPfCnwCWRGP6cw_aem_fWyuFKqcFoC32nEwI2KMrQ