Ezokungcebeleka

Ukhale ngokungaqashwa kwekahulumeni uBabsy ethola indondo

Fanelesibonge Bengu|Published

INKAKHA yomculi uBabsy Mlangeni ithola indondo kuMnuz Paul Mashatile oyiPhini likamengameli noNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Gayton McKenzie, kumaNational Arts and Culture Awards

Image: X

INKAKHA yomculi uBabsy Mlangeni, ikhalela abaculi abaphila nokukhubazeka ngokuthi abagqanyiswa wuhulumeni.

UBabsy, ongaboni emehlweni, ubekhuluma emuva kokuthola indondo ye-Artist Living with Disability kumaNational Arts and Culture Awards, eSun City ngoMgqibelo ebusuku.

Uthe kwayena kade agcina ukuqashwa emicimbini kahulumeni.

“Kunemicimbi exhaswe wuhulumeni, ukwenza isibonelo, umhla ka-21 Mashi, Ephreli 27, Meyi 1, Juni 16, noDisemba 16. Angisakhumbuli ukuthi ngagcina nini ukuqashwa, angiqashwa nhlobo kuleyo micimbi. Baqasha kuphela abaculi ababonayo hhayi thina. Nalaba baculi abasakhula abakhubazekile bathwele kanzima ngoba abagqanyiswa wuhulumeni noma abahleli bale micimbi,” kusho uBabsy.

UBabsy, odume ngengoma ethi Sala Emma, phambilini uke wahlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement ayithola kumaSouth African Music Awards ngo-2017.

“Sengibe semculweni iminyaka engu-58 futhi ngisesematheni nanamhlanje,” kusho uBabsy.

Uthe uzizwa ehloniphekile ngokuthola lo mklomelo ngoba umculo kulezi zinsuku awusafani nangezikhathi zabo. Uthe kudala babedayisa amaCD, vinyl namakhasethi.

“Ama-CD namakhasethi asekhishiwe manje sekusebenza o-iTunes nama-downloads. Uthola umuntu ethi sengidlalwe kawu-2 million kodwa ayikho imali.”

Emcimbini kuphinde kwahlonishwa nomculi ongasekho, uBrenda Fassie, ohlonishwe wuNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Gayton McKenzie.

“UBrenda Fassie wayengagcini ngokujabulisa abantu kodwa wayebakhulumela. Akakhulanga eyimpunyela kodwa wadlondlobala waduma umhlaba wonke ngoba wayenamaphupho,” kusho uMcKenzie.

 Bahlabane kanje kweminye iminxa:

HERITAGE CATEGORY

Outstanding Cultural Landscape Award

⦁ Freedom Park Heritage Site Museum

Outstanding Museum Award

⦁ William Humphreys Art Gallery

LITERARY CATEGORY

Outstanding Book, Fiction Award

⦁ The Comrade’s Wife by Barbara Boswell

Outstanding Book, Non-Fiction Award

⦁ 100 Years of Dispossession by Lebogang Seale

Outstanding Children’s Fiction Book

⦁ Sanda Makes Some Money (by Yamkela Tywakadi)

Outstanding Publisher Award

⦁ Vhakololo Press

DESIGN CATEGORY

Outstanding Architecture or Interior Designer

⦁ Asher Zachary Marcus

Outstanding Fashion/Textile Designer

⦁ Mzukisi Mbane

VISUAL ARTS CATEGORY

Outstanding Crafter Award

⦁ Majolandile Samuel Dyalvane

Outstanding Curator Award

⦁ Nontobeko Ntombela

PERFORMING ARTS CATEGORY

Outstanding Musician Award

⦁ Mphumelelo Dlamini

Outstanding Actor in Theatre

⦁ Tshireletso Nkoane

Outstanding Theatre Production

⦁ A Street Taxi Named Desire by Obett Motaung

Outstanding Dance Production

⦁ INGOMA by Moeketsi Koena

Outstanding Poet Performance

⦁ Napo Masheane

AUDIOVISUAL CATEGORY

Outstanding Documentary Film

⦁ London Recruits – Jacintha de Nobrega

Outstanding Documentary Series

⦁ Free at Last – Xoliswa Sithole

Outstanding Film Fiction Award

⦁ Old Righteous Blues – Catharina Weinek