UDJ Muntu Masterblaster ogulayo
Image: Facebook
UQOLOTHAKAMANGO kaDJ womculo ogijima negazi, uDJ Muntu Masterblaster, usazonyamalala emehlweni abantu kulandela ukuhlaselwa yisifo sohlangothi esesimhlalise esibhedlela kusuka ngesonto eledlule.
UDJ Muntu odlala iSoul, R&B kanjalo nezamzukwana, utshele Isolezwe izolo ekuseni ukuthi akaphathekile kahle.
“Ngiyagula mfowethu. Kwathi ngibuya ukuyodlala ngamane ngabambeka. Uma kuqala ngangizwa ezinyaweni kungathi kunento engincinzayo,” kusho lo DJ oseneminyaka eyibambile.
UDJ Muntu, obekhulumela phansi, uthe odokotela bebesola ukuthi ushaywa yisifo senhliziyo.
“Bengivuvukalelwa yizinyawo kunenkinga yezinso ngashaywa yisifo sohlangothi. Sengichithe isonto nohhafu esibhedlela ngoba ngangena ngoLwesibili olwedlule. Akusafani kodwa manje ngoba sengiyakwazi nokudla. Ukuhamba yikhona okuseyinkinga,” kuchaza yena.
Lo DJ odabuka eMlaza, uthe ngenxa yale nkinga uzoke athi ukunyamalala ngoba akakakulungeli ukubonakala emicimbini enandisa. Uthe abantu abangethuki ngoba usezandleni zodokotela.
“Ngizothi uma ngiphuma ngiyibheke nangokwesintu. Kungenzeka ukuthi ngicushwe ozakwethu engisebenzisana nabo bebona ukuthi le razo indala kodwa ayishoni phansi,” kusho yena.
Leli phephandaba belimshayele ukuzwa ngamalungiselelo akhe okuyonandisa emcimbini iThe Blom Effect ozoba seThe Union Restaurant and Lounge (eyayaziwa ngokuthi iseYadini), eMlaza ngoMgqibelo.
Eyadini yindawo eyayisifana nekhaya kuye njengoba wayehlale edlala khona ngezimpelasonto futhi esondelene kakhulu nomnikazi wayo, uJabulani Zama ongasekho.
“Ngeke ngibe khona emcimbini. Abahleli bawo bangikhokhele kahle kodwa ngenxa yalesi simo ngeke ngisaphumelela,” kusho uMuntu.
Abanye abazonandisa kuwo kubalwa uMsizi Shembe, Collen Zondo, Sboniso Chiliza, DJ Lavisto, DJ Reggie nabanye.
Amathikithi aqala kuR100 eWebtickets.
Related Topics: