Ezokungcebeleka

Sekuqalile ukuqagela ngamaCrown Gospel Music Awards

Fanelesibonge Bengu|Published

UMFUNDISI Andile KaMajola ecula kumaCrown Gospel Awards nyakenye

Image: Facebook

KUQALILE ukuqagela ngokuthi azosingathwa kuphi amaCrown Gospel Music Awards, athuthele eGoli, eminyakeni emithathu eyedlule.

Le miklomelo eyasungulwa wuNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongasekho, ihlonipha abaculi bowokholo nabasemkhakheni wawo abenza kahle.

Ngonyaka odlule abanjelwe eGallagher Convention Centre okokuqala ngaphandle kukaZanele oshone ngo-Agasti, emuva kokuhlaselwa wukugula.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ekhuluma emngcwabeni kaZanele, wathi imiklomelo kumele ibuye kulesi sifundazwe.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ngaphambi komcimbi wangonyaka odlule, umyeni kaZanele, uMbhishobhi Mpendulo Nkambule, wathi abanaso isibophezelo sokuhlala eGauteng iminyaka emine.

“Eminyakeni ezayo uma izifundazwe zithi zifuna umcimbi uze kubo, lokho ngeke sikuvimbe. Ngonyaka ozayo singawubona ubuya KwaZulu-Natal,” wacashunwa esho kanje uNkambule.

Ekhasini lemiklomelo kwiFacebook, kuvele ukuthi azoba ngoNovemba 23.

Kuphinde kwacelwa abantu ukuthi baqagele ukuthi azoba kuphi.

Abanye bebebala iTheku abanye bethi ePitoli. Babodwa abebebala iMbombela, kunabawakhomba eSun City.

Isolezwe lithole ukuthi maningi amathuba okuthi abuye eThekwini.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabeWorld Gospel Powerhouse, ayiphumelelanga njengoba kushaye isikhathi sokushicilela bengayiphendulanga imibuzo ebhaliwe abacele ukuthunyelelwa yona.

Kwenzeka lokhu nje, abahleli bamaSouth African Music Awards (Sama) sebekuqinisekisile ukuthi abaqokiwe kule miklomelo bazomenyezelwa ngo-Agasti 28.

Bese kuphele isikhathi kuthulekile ngawo kwazise ukungenela kwavalwa ngoFebhuwari 10.