Ezokungcebeleka

Inongwe ngezithako ezehlukene iSimphiwe Shembe Comedy Picnic

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DJ Wonder ozobe edlala kwiSimphiwe Shembe Comedy eThekwini, ngoMgqibelo

Image: Instagram

OMUNYE wabazobe benandisa emcimbini iSimphiwe Shembe Comedy Picnic eseBotanic Gardens, eThekwini, ngoMgqibelo, uthi uzodlala izingoma ezithakaselwa yiwona wonke umuntu.

Lo mcimbi oyingxenye yokugubha iminyaka engu-20 uSimphiwe angena emkhakheni wamahlaya, uzobe ubophele osomahlaya, abaculi noDJ.

Phakathi kwabazonandisa kubalwa yena uSimphiwe, Kelly Kellz waseNew York, Trevor Gumbi, Justice Kubheka, Loyiso Gola, Ndlebe, Siya B, Ngane Ngane nabanye.

USOMAHLAYA uSimphiwe Shembe ohlela umcimbi iSimphiwe Shembe Comedy Picnic

Image: Instagram

U-DJ Wonder wodumo lwengoma ethi Tomorrow apike kuyo iColours of Sound noFey, uthe emcimbini onje ubheka uhlobo lwabantu bese ebadlalela ngenhloso yokubanelisa bonke.

"Njengoba kushiwo kuthiwa wumculo namahlaya, ngasohlangothini lwami kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ngishaya into ecokeme. Ngizodlala izingoma abantu abazokwazi ukuzicula kusuka kwezakudala nezamanje ngifake nezokholo phakathi," kusho uWonder.

Uthe yena uzodlala ngaphambi kokungena kukaSimphiwe aphinde abuye nangasekugcineni.

USimphiwe uthe kulo nyaka okokuqala bazoba nezimbongi ezimbili Imbongi Yosizi noJobe.

"Okunye esikwenzile wukususa usomahlaya wase-USA, simlethe ngapha ngoba sifuna ukwakha ubudlelwano phakathi kosomahlaya bakuleli nabaphesheya. NoLoyiso Gola simlande ngoba unamandla e-United Kingdom. Sifuna ukwakha amathuba ngokuhlanganisa laba bantu, mhlawumbe kini banemali bangakundizisa uyoshaya amahlaya e-UK. Sakha lelo bhuloho," kusho  uSimphiwe.

Uthe amathikithi asatholakala eWebtickets nasePick n Pay ngo-R170. Esangweni azobe ebiza uR220.

Uthe abantu bavumelekile ukuphatha ama-camp-chair nama-coolerbox angenawo amabhodlela azokhokhiswa u-R100.

Umcimbi uzoqala ngo-12 emini kuze kube u-9 ebusuku.

Abafundi beSolezwe bangaba senhlanhleni yokuziwinela amathikithi. Thumela igama elithi "ISOPICNIC" ku-33258, i-SMS ibiza R1.50. Abawinile bazokwaziswa ngocingo. Umncintiswano uzovalwa kusasa ngo-8 ebusuku.