Asikacaci isizathu sokumiswa kukaSol Phenduka emsakazweni iKaya 959.
Image: Sigciniwe
Abalaleli bomsakazo iKaya 959 bathole abangakulindele kuvela izindaba zokumiswa komunye wabasakazi basekuseni uSolomzi Thandubuntu Phenduka odume ngelikaSol Phenduka.
Le nsizwa eyajoyina lo msakazo ngo2022 ohlelweni lwasekuseni noDineo Ranaka ithandwa kakhulu abalaleli nokuyinto edide kakhulu uma lo msakazo uqinisekisa ukumiswa kwakhe.
Ngesitatimende esikhiswe yiKaya 959 sithi; "siyakuqinisekisa ukuthi umethuli wezinhlelo uSol Phenduka umiswe emsebenzini ujuqu, kusalindwe umphumela wohlelo lwangaphakathi. Sifuna ukuqinisekisa bonke abasebenzi ukuthi lolu daba lusingathwa ngendlela efanele, ngozwelo nangenqubo efanele."
Lo msakazo uqhubeke wathi imininingwane egcwele izokhishwa ngesikhathi esifanele.