BAXOLISILE abe-Open Chats Podcast ngenkulumo 'ecwasa' amakhaladi
Image: Youtube
BAYANDA abagxeka i-Open Chats Podcast, ngenkulumo yabo abayenze ngamakhaladi engehlanga kahle kwabanye ababukeli balolu hlelo lwaku-Youtube.
Abethuli bohlelo nezihambeli zabo benze inkulumo egxekwayo abathi ibe nenhlabathi.
Omunye wabo uthe kuthiwa imindeni yamakhaladi ilalana yodwa.
Obehambele uhlelo uphendule ngokuthi angakukholwa lokho ngoba "ayahlanya".
NgoLwesithathu bashicilele isitatimende ngabammeli babo lapho bedlulise khona ukuxolisa.
“Amakhasimende ethu ayaxolisa kakhulu ngobuhlungu ababuzwise isizwe samakhaladi eNingizimu Afrika. Amakhasimende ethu ayavuma ukuthi akusho kwakungalungile, kwakucwasa ngokobulili, ubuhlanga futhi bubudedengu bufana nangesikhathi sobandlululo kunjalo akunabo ubuntu, kuyinkulumo enokucwasa,” kusho isitatimende.
Bathe balukhiphile uhlelo olunale nkulumo kanti bazophinde benze izifundo ngamalungelo abantu, ubuhlanga nangokucwasa. Baphinde bathembisa ukuziceba kwikhomishini yamalungelo abantu.
Naphezu kwesixoliso kodwa abantu bakhwele badilika kubo, abanye bethi kumele bakhishwe kwiDStv.
AbakwaMultiChoice bacashunwe kwi-IOL beziqhelelanisa nayo. Bathe inkontileka yabo nePodcast iphele ngoJulayi 25, futhi isiqephu esisuse umsindo asidlalwanga khona.
Namaqembu ezepolitiki ayaqhubeka nokugxeka inkulumo.
IPatriotic Alliance ivule icala esiteshini iBrooklyn, ePitoli.
IDemocratic Alliance ithe lokhu akulona ihlaya, yathi kuwukuthunaza isithunzi futhi izinkulumo zalolu hlolo zibhebhethikisa uqhekeko.
Ithe ibacebile laba kwikhomishini yamalungelo abantu.
“Siyazi ukuthi abale podcast sebexolisile ngalesi siqephu okuwukuvuma icala. Kodwa isixoliso asiwucishi umonakalo osuwenzekile noma sithethelele abenzi bobubi ukuthi bajeze,” kusho i-DA.
I-Economic Freedom Fighters yona ithe yize ibonile ukuthi laba baxolisile kodwa iphoxekile ngendlela abakuthathe kancane ngayo esiqeshini esilandelayo okukhombisa ukuthi abazisoli futhi abawuboni umonakalo abawenzile.
“Lokhu ngeke kuyekwe kungaphoselwa nselelo,” kusho i-EFF.
Ithe kumele ikhomishini yamalungelo abantu iphenye ngalokhu.
Iphinde yaveza ukuthi izolwela ukuthi kube nendlela yokulawula ama-podcast okuhlanganisa nesijeziso kulabo abasabalalisa inkulumo enenzondo noma ukucwasa egameni lokungcebeleka noma “ilungelo lokukhuluma”.
I-ANC ithe ayikho indawo yokucwasa ngokobuhlanga eNingizimu Afrika noma ngabe kufihlwe ngamancoko.
Eyokwakhiwa kohlaka lokulawula ama-podcast aluqali ukuvela njengoba nangesikhathi uMacG ohlelweni i-Podcast & Chill with MacG, enza inkulumo ngoMinnie Dlamini enganambithisisekanga kwaba nalesi siphakamiso.
Kumanje uMinnie kuthiwa ubopha uMacG ufuna isinxephezelo sika-R2.5 million.