USolwazi Firoz Cachalia ufungiswe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu ekuseni njengeBamba likaNgqongqoshe Wezamaphoyisa emcimbini obuseZindlini Zombuso ePitoli. Lokhu kulandela isimemezelo esenziwe ngumengameli uCyril Ramaphosa mhla ka-13 kuJulayi 2025, ezwakalisa inhloso yokuqoka uSolwazi Cachalia kule ndima esemqoka ngokuhambisana neSigaba 91(3)(c) soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ka-1996.
Image: SAPS
INkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, isichithile isicelo sikalowo owayengumengameli wezwe, uThabo Mbeki, kanye nowayengungqongqoshe wezoBulungiswa, uBrigitte Mabandla, ukuthi bangenelele ecaleni lokunxeshezelwa kuka-R167 million nokungashushiswa kwamacala odlame lobandlululo.
Image: DIRCO
Eminyakeni engu-20 phakathi kukaNkosana Makate neVodacom icala lifinyelele kwangqingetshe enkantolo yoMthethosisekelo lapho ibamba lephini lenhloko uJustice Mbuyiseli Madlanga likhiphe isinqumo sokugcina ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi. Ijuaji lithe icala alibuyele eNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala. UMakate uphendule ngokuthi usazoqhubeka nokulwa impi njengoba enqaba isinxephezelo sika-R47 mil.
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
Ibamba lePhini leNhloko yamaJaji uMbuyiseli Madlanga uphanyeke umjiva wakhe kuleli, okuphawula ukuphela komsebenzi wakhe kwezobulungiswaweminyaka eyishumi nesikhombisa eBhentshini.
Image: Timothy Bernard
Iqembu lebhola lombhoxo labesifazane amaBhokobhoko phezu kweTable Mountain ngaphambi komdlalo wabo neBlack Ferns XV e-Athlone Stadium ngoMgqibelo.
Image: Henk Kruger / Independent Media
Kubhekwe ukuthi sizokwthulwa nini isichuse sika-OR Tambo esimiswe eNorth Beach, eThekwini eduze kwase-Amphitheatre.
Image: Doctor Ngcobo
Ubuhle nemvunulo nengoma bekuhamba phambili ngesikhathi umsunguli we-Icebolethu funerals uDkt Nomfundo Mcoyi ungene e-ICC ngesitayela ebungaza ukubuya kwakhe nalapho ahlonishwe khona njengoMengameli beSAFPA e-ICC Arena.
Image: Tumi Pakkies
ngeso lomthwebuli