Ezokungcebeleka

Wayengundingasthebeni onqobe eseTaste Master

Nonkululeko Nhlapo|Published

ULUCKY Mashudu Masinya ukhale wemuka nesicoco seTaste Master 2025 ebisakazwa kwiSABC 2

Image: sithunyelwe

KUSUKELA ekulaleni ngaphansi kwebhuloho kuJoe Slovo Drive edolobheni laseGoli esemncane ehamba ecela ukudla, kuya ekubeni umakhonya  we-2025 Taste Master South Africa, indaba kaLucky Mashudu Masinya ifundisa abaningi ngokuthi ziyajika izinto.

UChef Masinya - njengamanje osebenza njengofundisa i-patisserie eRosebank, eGoli ekhempasini yeCapsicum Culinary Studio - uthi umyalezo wakhe ungowethemba nokubekezela. 

“Ngingumfana waseKasi owayengenakhaya futhi ngake ngahlala ekhaya elinakekela abantu, manje sengiwine umncintiswano kazwelonke engikholwa wukuthi uzoshintsha impilo yami yonke," kusho yena. 

I-The Taste Master SA wuhlelo oluhlanganisa abapheki abangu-10, bonke ababhekana nezinselelo ezihlukahlukene zokupheka nezokubhaka, ukuze kubonakale amakhono abo. Kulolu hlelo kukhona amajaji okubalwa kuwo intandokazi yabaningi uZola Nene okuyiwona akhetha ukudla okumnandi kubhekwe umpheki wako adluliselwe kwesinye isigaba kuze kufikwe kowamanqamu.

Lapha kulapho uMasinya ephume phambili khona, ngokudla kwakhe okungagcini ngokubukeka kukuhle nje kodwa okugabe nangobuhle besimanjemanje.  Imiklomelo kaMasinya ihlanganisa u-R200 000 wemali evela ebhange iCapitec.

"Ngesikhathi igama lami limenyezelwa njengowinile ngangingakholwa. Inhliziyo yami yehla futhi yaqala ukushaya ngamandla. Umlenze wami wangakwesokudla wawuqhaqhazela! Yisona sikhathi esisalokhu sidlala engqondweni yami. Lesi singesinye sezikhathi ezizohlala nami ingunaphakade," kusho yena. 

Uqhubeke wathi usithandile isikhathi asichithe kulolu hlelo. "Akuwona wonke umuntu obukela kwithelevishini kodwa lokhu kwandise ubuhlakani bami. "Okunye okungigqugquzele ngozakwethu, abafundi bami kanye nabangani bami abebehlale bekholelwa kimina."

"Konke ukudla engikwenze kulolu hlelo kungikhumbuze umndeni wami nekhaya. Ukuya ezindaweni zokudlela kuyamangaza kodwa akukho ukudla okunambitheka kangcono kunokudla okuphekwe ekhaya. Ngakho ngenza i-pasta yenkukhu enokhilimu, inyama egazingiwe kanye nenkukhu egxishiwe,ama-macarons, i-tiramisu ne-churrosic carros."

Ngemva kokuqeda isikole, uMasinya wathola umfundaze owamenza wakwazi ukuqeda idiploma ye-patisserie kanti eminyakeni ecishe ibe ngu-10 edlule wanikwa ithuba lokwenza uhlelo olumangalisayo lwesipiliyoni somsebenzi eLondon oluhlanganisa ukusebenzisana nezihlabani zeRitz, Le Manoir Aux Quat’Saisons nasePretty Sweet nalapho ahlangana khona nosaziwayo abafana noDrake noRihanna. Manje usedlulisela ulwazi lwakhe kubapheki bakusasa eCapsicum Culinary Studio.

Iphupho lakhe elikhulu wukuvula indawo yokudla okunoshukela i-dessert bar, eGoli, esebenzisa kokubili uhlelo nolwazi lwakhe njengenkundla yokwethula izifiso zakhe zokupheka.

"Bengilokhu ngifuna ukuvula nokwenza i-dessert bar eGoli njengoJanice Wong onendawo eyaziwa nge-2am: indawo yo-ppuding e-Singapore. INingizimu Afrika inkulu ngokudla kodwa asibakhulu uma kuza endabeni yamakhekhe, oshokoledi nama-dessert. Ngakho-ke ngimatasa ngiqondisa impilo kaLucky kuleso simo."