Ezokungcebeleka

Ithuba lokuphakamisa amagama abazohlonishwa wumengameli wezwe

Fanelesibonge Bengu|Published

SEKUVULWE ukuthumela iziphakamiso zabazohlonishwa nguMengameli Cyril Ramaphosa

Image: GCIS

SEKUVULIWE ukuthumela iziphakamiso zamagama abazohlonishwa ngemiklomelo emikhulu ezweni, amaNational Orders, ekhishwa ngumengameli minyaka yonke.

Imiklomelo inikwa abantu bakuleli nabangaphandle abaziwayo ababe neqhaza ekuthuthukiseni inkululeko yezwe.

"Iphinde ihloniphe nabantu ababe nomthelela obonakalayo ekuthuthukiseni impilo yabantu baseNingizimu Afrika. Eminye yemiklomelo ihlonipha amaqhawe namaqhawekazi enkululeko ayethanda izwe nabantu balo okudlula yonke into emhlabeni," kusho isikhangiso.

Abafuna ukuphakamisa amagama kumele bathumele izinombolo zabo kanjalo nombhalo ongamakhasi okungenani amabili okugqugquzela ukuthi kungani kumele baqokwe labo abaphakanyiswayo.

Umuntu akavumelekile ukuziphakamisa kanjalo nezihlobo azivumelekile. Abasebenzi bakahulumeni, abaholi bendabuko, amakhosi nabaholi bezenkolo nabo abavumelekile.

Phakathi kwemiklomelo ekhishwayo kubalwa i-Order of Companions of OR Tambo enikwa umuntu wangaphandle okhombisa ubungani eNingizimu Afrika.

Omunye yi-Order of Baobab otholwa wumuntu wakuleli obe neqhaza ekusebenzeleni umphakathi, emabhizinisini nakwezomnotho, iSayensi, imithi nobuchwepheshe.

Kukhona ne-Order of Ikhamanga enikwa owenze kahle kwezobuciko, amasiko, umculo, ubuntatheli nezemidlalo.

Phakathi kwasebake bahlomula eminyakeni edlule kubalwa ukaputeni wamaBhokobhoko uSiya Kolisi, umculi uSolomon Linda, umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis nabanye.

Iziphakamiso zithunyelwa kwi-website ethi www.presidency.gov.za kanti kuvalwa ngo-Agasti 31.