USABELO Ngema, Thulani Nzama noSanele Mtolo baqwashisa ngezifo eziphazamisa ingqondo ngokuhamba ngezinyawo besuka eThekwini beya ePort Edward
Image: Sithunyelwe
UKUSUKA eThekwini ngezinyawo uye ePort Edward yinto yokugcina esemqondweni wabaningi kepha kumculi uSabelo Ngema kube yisinqumo esilula uma ezwa inhloso yakho.
USabelo, ocula eqenjini i-Afro Soul, ungene le nyathuko eyibanga elilinganiselwa ku-164km ngoMsombuluko, esuka ngaphandle kwaseCity Hall enkabeni yeTheku.
Yena nomsiki wengqephu uThulani Nzama noSanele "King Orow" Mtolo, bahlela ukufika kule ndawo esemngceleni weKwaZulu-Natal ne-Eastern Cape kusasa.
"Siqwashisa ngezifo eyamene nengqondo okuyingcindezi nokhwantalala, kakhulukazi kubantu besilisa njengoba kuyinyanga yabo," kusho uSabelo etshela Isolezwe besakhokha umoya eMargate izolo.
"Baningi abesilisa abafela ngaphakathi ngoba kuthiwa indoda ayikhali bagcina benokhwantalala. Lokhu kuholela ekutheni umuntu angabi nayo impilo. Sizwa ngabantu abazilengisayo, abanye beqotha imindeni ngenhlamvu nabanye abagxile otshwaleni nasezidakamizweni. Kuningi okuphazamisekayo uma umqondo ukhungathekile."
Uthe ngesikhathi uThulani eqala lo mkhankaso ngonyaka odlule, kube yisinqumo esilula kuye ukuthi aweseke ngoba izifo zengqondo uyaziqonda. Ngenxa yokungakulungeli ukuthatha uhambo olwabe lubheke eRichards Bay nyakenye, wakhetha ukumeseka ngezinye izindlela, wabe eseqala ukuzilungiselela ukuba yingxenye yakulo nyaka.
"Ngike ngabanjwa wukhwantalala ngo-2021, emuva kokushiywa wu(Satshwa) Malishe eqenjini lethu emuva kokugula. Baningi ababethi kuphelile nge-Afro Soul nesikhungo sethu sokuqeqesha amakhono Ikabawo esasibambisene naye kuso. Nami ngagcina sengiba nongabazane kwaphoqa ukuthi ngibuze kuNkulunkulu ukuthi yini angiphathise yona. Ngaphambi kwalokho, kwakuhambe uThandeka Mkhize owayelandela uJoocy yena ongashonanga kodwa owakhetha ukuzimela. Ngasala ngedwa njengomuntu owayekhona iqembu liqala. Ngenhlanhla ngathola uphathina uThandeka uMaZulu ofanele. Yize emncane kodwa unesibindi," kuchaza uSabelo.
Uthe endleleni abakhangezi mali kubantu, kunalokho bashumayela ivangeli lokuthi basukume kube nabakhuluma nabo uma kunokubakhungethe. Baphinde bagqugquzele nokudla kahle nokuzivocavoca.
"Bathe beshaya amathini ngoDisemba, kwaba wukugcina kwami ukuphuza utshwala ngoba ngilungiselela lolu hamba. Angifuni ukuqamba amanga, utshwala buyabambezela. Angibugxeki kodwa ngilubonile ushintsho kimi kulezi zinyanga ezedlule."
Uveze ukuthi sebehambe baphinde bagijima u-96km, sekusele alinganiselwa ku-68km abazowaba kulezi zinsuku ezimbili. Udalule nokuthi ngale kokuqwashisa ngezifo zengqondo kodwa kuye lolu hambo luwumthandazo wokuthi i-albhamu yabo entsha ephuma ngenyanga ezayo ibe yimpumelelo.
"Selokhu sagcina ngo-2018, ukukhipha i-albhamu ephelele. Lena ezayo iphekwe kakhulu yimi noMaZulu ngoba uMalishe washiya sisebenze ingoma yokugcina. Kule albhamu kunengoma eqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Sicela amadoda ukuthi avikele izingane nabesifazane."
Related Topics: