Ezokungcebeleka

Uhlu lwabazospinna koweRed Bull Shay' Imoto

Nonkululeko Nhlapo|Published

Zizobe zibuya mo koweRed Bull Shay'imoto

Image: Sithunyelwe

BABIZE bonke abathanda uku-spinna nokubuka abashayeli aba-spinnayo beshaya abadume ngazo eThekwini njengoba kubuya iRed Bull Shay' Imoto ngenyanga ezayo.

NgeSonto, ngo-Agasti 10, iSuncoast Casino izomumatha izicukuthwane zaseNingizimu Afrika ezingezogcina nje ngokuqhudelana kodwa eziyozibekela indawo emlandweni njengomakhonya bezezimoto. 

Akekho ongazi ukuthi umdlalo wezimoto uneminyaka uthakaselwa, ikakhulu emalokishini ahlukene eNingizimu Afrika lapho abashayeli bebonisa ikhono lemvelo lokuthatha noma iyiphi imoto ejwayelekile bayenze umathanda, beyipheqa ngezindlela ezahlukene, abanye ubabona bephuma imoto i-spina beme phezu kwayo kushunqa intuthu kuphela.

Lo mdlalo uqale kancane njengombuthano wangezimpelasonto ezindaweni ezingenalutho, manje sewuphenduke isiko elikhuluma nomphefumulo wentsha yaseNingizimu Afrika. Manje, okokuqala ngqa emlandweni weRed Bull Shay' Imoto, lo mbukiso uza KwaZulu-Natal.

Kubhekwe inkunzi ezovela umcimbini waseThekwini

Image: Sithunyelwe

Kulo nyaka kuboshelwe abashayeli abangu-16 abazobe beshaya abadume ngakho enkundleni kubuka izinkumbi zabathandi balo mdlalo. Phakathi kwabadlali abaqinisekisiwe kubalwa ompetha ababuyayo abathwele kanzima, abasha abalambile ukuzakhela udumo namaqhawe endawo azobonisa izihambi ukuthi zikhiphani kwelikabhanana.

Uhlu lwabashayeli abazobamba iqhaza

  • Boksie
  • Jabu
  • Magesh Junior
  • Makgasa Fire
  • Robin Fortuin
  • Sadz – Flyboxin
  • Skopas / Bad Company
  • Team 2xspicy JZ
  • Team Kayla
  • Team Nevs
  • Team Osizweni
  • Team VQ25
  • Vaaitjie
  • Ziko
  • Lockdiff