U-MINNIE Ntuli obonakale ku-video ehlokoloza ngomunwe ebusweni uLondie London kwiReal Housewives of Durban
Image: X
UMSAKAZI weGagasi FM osematheni "ngobubhoklolo" nangokuhlokoloza ngomunwe ebusweni uLondie London ohlelweni iReal Housewives of Durban (RHOD), uzohlala isonto elilodwa ekhaya ngaphambi kokubuyela emsebenzini.
UMinnie Ntuli ongena noFelix Hlophe ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto, ukhiphe isitatimende ngempelasonto, lapho eveze khona ukuthi ucele ukuhlaba ikhefu.
NgoLwesihlanu, ohlelweni lokubuyekeza isizini yeRHOD, kuvele okokuqala i-video lapho uMinnie noLondie bebekhuluma khona bobabili ngokungaboni kwabo ngaso linye.
UMinnie usole uLondie ngokungakhulumi kahle ngabazali bakhe. Kugcine kuphakama umoya kuye, wasukuma wahlokoloza kabili ngomunwe uLondie ebusweni. Ngaleso sikhathi uLondie ubezisongele izandla emamatheka, embuza ukuthi wenzani.
UMinnie ube esegcizelela ukuthi uLondie usebenza elele ngomhlane okungenye yezinto ezashiya abantu bemgxeka ohlelweni.
Kusuka kuvele lesi siqephu abanye bakhombise ukucasuka balimisa ngesihloko ukuthi uMinnie uyibhoklolo elidinga nokuthi iGagasi limthathele izinyathelo.
NgoLwesihlanu, iGagasi likhiphe isitatimende lithi lishaqekile futhi liphoxekile ngelikubone kwenziwa wumsakazi walo.
“Yize iReal Housewives of Durban izimele futhi ingahlangene neGagasi FM, siyazi ukuthi ukuziphatha kukaMinnie ohlelweni kunomthelela egameni lethu nasemphakathini esiwusebenzelayo,” kusho iGagasi.
Lithe njengesiteshi alihambisani nobubhoklolo nokungahloniphi.
Lithe likhulumile noMinnie ngalokhu futhi wavuma izenzo zakhe, wazisola waze wabhala nencwadi yokuxolisa kwabeReal Housewives nabasohlelweni ngenhloso yokuthi ifundwe esiqeshini sokubuyekeza isizini agcine ngokungalibhadi kuso.
IGagasi lithe uMinnie uzibophezele ekutholeni usizo lokukwazi ukuzilawula uma ephakanyelwa wumoya okuyinto abayesekayo.
“Sithanda ukuqinisekisa abalaleli bethu, amakhasimende nesibambisene nabo ukuthi lolu daba siluthathela phezulu ngendlela olufanele ngayo. Sicela nehlise umoya futhi nibekezele njengoba kuqhubeka lokhu, ngethemba lokuthola isisombululo esinokuthula,” kusho iGagasi.
Esitatimendini uMinnie uthe ubathintile ngasese ukuxolisa futhi uzimisele nangokukhuluma nabo ubuso nobuso. Uqhube wathi yize umsebenzi wakhe kwiRHOD ungahlangene noweGagasi kodwa yena nesiteshi bavumelene ngokuthi amukele imiphumela yezenzo zakhe.
“Lesi sigaba singenze ngabona umphumela wokuziphatha kabi. Ngiphoxe umndeni wami, abangani, engisebenza nabo, okubalulekile abalaleli abathembekile abalalela uhlelo lwami zonke izinsuku,” kusho uMinnie.
Uthe uzohlaba ikhefu eyofuna usizo longoti.
Okhulumela iGagasi FM uKhulekani Shandu, ukuqinisekisile ukuthi uMinnie ucele ukuhlaba ikhefu emsakazweni.
“Ucele ukuthatha isonto elilodwa. Indawo yakhe izobanjwa wuNkulee Mbatha,” kusho uKhulekani.
ULondie ohlelweni uthembise ukumvulela icala lokumehlisa isithunzi, nokumshaya.
Baningi nosaziwayo abaphumele obala ngokweseka uLondie abanye bemncoma nangokwehlisa umoya ehlaselwa.
USithelo uthe ngeke aphinde eseke futhi alalele iGagasi. Uthe kuyaphoxa ukubona isiteshi okumele ngabe siyigugu leKZN, sigqugquzela udlame ngaphandle kokuthatha izinyathelo.
Related Topics: