UNOXOLO Mseleku umnikazi wenkampani yobuchwebe i-Elegânté
Image: Sithunyelwe
INTOKAZI yaseLovu igila izimanga ekukhiqizeni ubucwebe bekhethelo. UNksz Noxolo Mseleku oneminyaka engu-32, wanquma ukushiya ikhaya ebhekise amabombo eGoli ngethemba lokuthola isikhala sokwenza izifundo ze-architecture. Wayengazi ukuthi ukuphoxeka engasitholi isikhala enyuvesi kuzomvulela amanye amathuba amahle.
"Ubucwebe yibona obangikhetha," kusho yena ekhumbula ukushintsha kwezinto ngemuva kokungasitholi isikhala sezifundo azithandayo wawelela ohlelweni lwabafundela ukwenza ubucwebe.
"Ngahehwa wukuthi nalokhu kusahambisana nothando lwami lokudweba, ukuqamba izinto ezintsha, yingakho kwaba lula ukungena khona yize kwakungeyona into engayisukela ekhaya."
Ubungcweti bemvelo bukaMseleku - obabubonakala kusukela ebuntwaneni lapho ezenzela yena nabazala bakhe izingubo - bathola ukugqama kabusha esesebenza ngoKkusansimbi namatshe ayigugu. Ithalente lakhe lavela ngokushesha esesenyuvesi, edla umhlanganiso womncintiswano ngomsebenzi wakhe ehumusha i-HIV ne-AIDS ngembali efayo enosana oluphile kahle phakathi kwayo, okunguphawu olubonisa ithemba nokuqina.
Ukuzinikela kwakhe kumtholele umfundaze wokuyofunda e-Italy iminyaka emibili (2015–2017). Ngalesi sikhathi, uphinde waphothula izifundo zedayimane kwaHRD e-Antwerp, wandisa ulwazi lwakhe lwamatshe ayigugu. “Impela ngiyazifela kwezothando nezinto ezinhle, kodwa okungikhuthaza kakhulu amatshe ayigugu,” kuchaza yena.
Ukuzinikela kwakhe kwamtholela umfundaze wokuyofunda e-Italy iminyaka emibili (2015–2017). Ngalesi sikhathi, uphinde waphothula izifundo zedayimane kwa-HRD e-Antwerp, eBelgium, wandisa ulwazi lwakhe lwamatshe ayigugu.
“Impela ngiyazifela ngezinto ezinhle, kodwa okungikhuthaza kakhulu wukusebenza ngamatshe ayigugu,” kuchaza yena.
Ibuya eNingizimu Afrika, le ntokazi yasebenza isikhashana kwaBrown ngaphambi kokusungula inkampani yayo, i-Elegânté. Igama lesiNtaliyane, elisho “ubuhle,” libonisa kokubili imfundo yakhe yamazwe ngamazwe kanye nefilosofi yomsebenzi wakhe wokuhlanganisa izingcezu zasendulo ezinempucuzeko yesimanjemanje.
Nokho kwashesha kwamcacela ukuthi amathuba abakhiqizi bobucwebe abaqeqeshiwe ayeyivelakancane, ontanga yakhe abaningi basenyuvesi bewushiya ngokuphelele lo mkhakha. Kunokuba enze okufanayo, wanquma ukuzenzela amathuba.
“Nganquma ukuba yilolo shintsho engifuna ukulubona."
Namuhla, inkampani yakhe, Elegânté iqashe abantu abasha abathathu abanamakhono abagxile ekwakhiweni nasekukhiqizeni wase ehlehla ekwenzeni umsebenzi wagxila ekuphatheni ibhizinisi, ekulikhangiseni kanjalo nokuheha amakhasimende.
"Bengingeke ngikuzuze konke lokhu ngaphandle koxhaso lwabeDe Beers Enterprise Programme, okuwuhlelo oluhlanganisa izinto ezehlukene lokweseka nokuthuthukisa amabhizinisi, ikakhulu lawo asembonini yedayimane nobucwebe."
Lolu hlelo lusiza kakhulu osomabhizinisi ngokubacathulisa, lubaqeqeshe futhi lubanikeze amathuba okuthola izinsizakusebenza kuze kube wukuthi ibhizinisi liyakwazi ukuzimela.
Esinye sezifundo ezibaluleke kakhulu ohlelweni lukaDe Beers ukufunda ukwakha izakhiwo zebhizinisi ezisebenza ngokuzimela.
“Ibhizinisi kumele lisebenze ngisho ngingekho,” kugcizelela uNksz Mseleku.
Uthe ushintsho lokusuka ekubeni yiyona yonke into ebhizinisini kuya ekubeni umholi onamasu onika ithimba lakhe amandla kusize kakhulu ekukhuleni kwe-Elegânté. Uthe ibhizinisi lakhe selibe yingxenye yemibukiso eminingi emazweni ehlukene okubalwa iSingapore lapho aqala khona ukuvezela imakethe yomhlaba umsebenzi wakhe kuya ekubeni yingxenye yabantu abangu-10 abahamba phambili kwiPlatAfrica ngo-2023, ngemuva kokunqoba iRand Refinery Enterprise Development ngo-2021, futhi wathola indondo yokuba usomabhizinisi osafufusa eMnyangweni weziMbiwayo nezaMandla.
Esephetha, uthe uyafisa ukuvula isitolo ngemuva kokuvala esokuqala ngenxa yeCovid-19 nokungatholi indawo efanele angasivula kuyo.
EMINYE yemikhiqizo kaNoxolo Mseleku
Image: Isithombe: SITHUNYELWE
Ulangazelela lukhulu uNoxolo Mseleku umnikazi wenkampani yobuchwebe i-Elegânté
Image: Sithunyelwe
Eminye imisebenzi emihle kaNoxolo Mseleku
Image: Sithunyelwe