Ezokungcebeleka

Udinga okungenani uR15 000 ukukhululeka kwi-HDJ

Fanelesibonge Bengu|Published

INGQEPHU nobumnandi buzobe bubuzwa kwiHollywoodbets Durban July ngoMgqibelo

Image: Sithunyelwe

YIZE sebuqalile ubumnandi beHollywoodbets Durban July (HDJ), kodwa uMgqibelo yilona suku olukhulu lwale ndumezulu ezoba seHollywoodbets Greyville Racecourse.

Asebenamava bayakwazi okumele bakwenze kodwa abasebasha babamba bayayeka ngamalungiselelo abazi ukuthi yikuphi okumele bakwenze nemali okumele bayilungise.

USimphiwe Majola osebe semkhakheni wezokungcebeleka iminyaka engaphezulu kuka-20 njengomphathi wosaziwayo, umhleli wemicimbi, isazi sengqephu nokunye, uthe ukuze umuntu ajabule ngokukhululeka udinga okungenani imali ephakathi kuka-R15 000 no-R45 000.

"Kuya ngokuthi ufuna ukuba nesikhathi esinjani kodwa kumuntu ofuna ukukhululeka, othanda ingqephu futhi ofuna ukugqama kukhona okumbalwa," kusho uSimphiwe.

Uthe ingqephu ingadla imali ephakathi kukaR5 000 no-R30 000.

Lapha kuhlanganisa umswenko, izinwele, ukuphaqulwa, izingubo nemihlobiso.

Uthe amathikithi okungena ematendeni adla imali eqala kuR2 500 ohlanganisa ukudla, iziphuzo nobumnandi.

Ithikithi lokungena etendeni ngokujwayelekile aliwuhlanganisi uR230 wokungena enkundleni. Elokupaka lona libiza uR170.

Uthe uma ungumuntu wangaphandle akumele ukhohlwe yimali yokuqasha indawo yokulala ehluka ngokwezinga lendawo kanjalo nemali yokuhamba.

USimphiwe uthe kunezinto futhi abantu okumele bazenze nokungamele nhlobo bazilokothe.

Uthe abantu mabagqoke balandele indikimba yosuku. Eyalonyaka ithi Marvels of Mzansi.

"Okunye wukuthi xhumana nabantu. Akukhathalekile ukuthi usetendeni lezicukuthwane noma endaweni enomphakathi jikelele kodwa iDurban July yinkundla enamandla yokwakha ubudlelwano kwezokungcebeleka, ingqephu namabhizinisi," kusho yena.

Uthe okungamele kwenziwe wukuziba indikimba.

"Ungakhohlwa yinhlonipho kusuka ekulandeleni indlela yokugqoka kwamanye amatende, ukuhlonipha abathwebuli nasekuhlonipheni ezinye izicukuthwane. Vikela isithunzi sakho. Ungalokothi futhi udakwe ngokweqile. Zilawule ngoba uwena oyinxusa lakho," kusho uMajola.

Ngale komjaho wezinjomane, abaningi basuke beyele ubumnandi kwiHDJ.

Abethikithi likaR230 bazozitika ngomculo weMafikizolo, Lira, Hot Water, GoodLuck, DJ Dalootz, Lee Cole nabanye. UZolani Mahola wuye ozocula iculo lesizwe.

Kunamatende alinganiselwa ku-24 ahlukene okuhlelwe ubumnandi, iziphuzo nokudla phakathi.

Kukhona adumile okubalwa kuwo iBoomTown okuzonandisa kuyo uSjava, Cassper Nyovest, Nasty C nabanye.

Empeleni iBoomtown ungayifanisa nomcimbi osenkundleni njengoba khona kufakwa isiteji esikhulu bese kuba namatende ahlukene ngokwamathikithi. Amathikithi aqala kuR686 okungelokungena kuphela. Ele-VIP liqala kuR2 957 umuntu ngamunye futhi lihlanganisa ukudla neziphuzo phakathi kuka-11 ekuseni no-5 ntambama.

Kwi-Afrotainment Marqee ithikithi lokunyathela khona liqala ku-R6 050, lize lifinyelele ku-R77 000 uma niyishumi. Nakhona amathikithi ahlanganisa ukudla neziphuzo ezithize kanjalo nobumnandi obuzobe buqhululwa wuDJ Maphorisa, Dladla Mshunqisi, Mawhoo, Naak, Naledi Aphiwe, Zee Nxumalo nabanye.

Imali ebizwa e-Afrotainment icishe ilingane neye-Executive Concerts Marquee, khona iqala kuR6 500 ehamba ize iyogcina kuR100 000.

KwiHalisi Afrique Hospitality khona itafula lababili libiza uR13 600 okuyimali ehlanganisa i-tequila, ibhodlela le cognac, amanzi, amajusi, ukudla, ithikithi lokupaka, MCC nokunye.