Ezokungcebeleka

Usebheke emazweni omhlaba owemidanso edumile

Fanelesibonge Bengu|Published

UHOPE Ramafalo ozohambela amazwe aphesheya ngenxa yomdanso

Image: Instagram

Umdansi ophinde abe wumculi wamapiano, ozohambela amazwe omhlaba, uthe basebaningi abangaqondi uma umuntu ethi ufuna ukuthatha umdanso njengomsebenzi.

UHope Ramafalo (26) ophinde aziwe njengoKing Maestro, uzakhele udumo ngemidanso okubalwa kuyo iHamba Ha, Umkhukhu, Zula Ka Strata ebiyenziwa yizinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi iTikTok.

Uzofulathela iNingizimu Afrika ngoJulayi 14 nabanye abadansi bakulelli okubalwa kubo uBontle Modiselle.

Bazobe beyingxenye yombuthano womdanso i-Beafrika Camp eMontpellier, eFrance.

Ngemuva kwalokho kulindeleke ukuthi alibangise eBarcelona, Paris, Bangkok nase-United States of America.

"Ngiphelelwa ngamazwi uma ngicabanga ukuthi yini esengayenzelwa wumdanso. Angikaze ngicabange ukuthi ukudansa kungangibeka lapho engikhona namhlanje. Ngiyabonga ngesipho sokudansa nokuba nethuba lokusikhombisa umhlaba wonke," kusho uHope.

UHope, owawina umklomelo weSocial Media Personality of the Year kumaFeather Awards ngonyaka odlule, uthe ekuqaleni wayengazitsheli ukuthi angaphila ngokudansa kodwa kuthe uma ebona ukuthi unethalente wakhetha ukugxila kukho.

"Ukusebenza ngokudansa akugqugquzelwa empeleni abantu abaqondi uma kukhona othi ufuna ukuba wumdansi kodwa ngenxa yomusa kaNkulunkulu ngithole engikuthandayo ngomdanso," kusho yena.

UHope, ocula ezingomeni okubalwa kuzo iDlala Ka Yona, uthe amapiano asevulele abaningi iminyango.

"Ngesikhathi ngikhetha ukukhipha umculo ngangingazi ukuthi kuzohamba kanjani kodwa ngangazi ukuthi kumele okungenani ngizame. Ingoma yami ibe sematheni isikhathi eside kwiTikTok futhi indlela abayamukele ngayo iyafana nabamukele ngayo umdanso wami futhi nigyathemba ukuthi ngelinye ilanga ngiyohlanganisa lokhu kokubili esigabeni esiphezulu."