Ezokungcebeleka

Bazovunywa yizulu abazojuxuza ngeDurban July

Fanelesibonge Bengu|Published

AYIKHO imvula elindelekile eThekwini ngale mpelasonto yeDurban July, lapho kulindeleke ukuthi izethameli zikhiphe unyawo ngengqephu njengo-Eden Radebe ofake eyomsiki u-Andile Cele

Image: Graham Daniel/Gameplan Media

BAZOJUXUZA ngokukhululeka abazohambela imicimbi yeHollywoodbets Durban July, ezobe ichitheke iTheku lonke ngempelasonto, njengoba ingekho imvula elindelekile.

Isangoma sezulu sakwaSouth African Weather Service, uSihle Dlamini, sinike leli phephandaba umhlahlo wezulu kusuka kusasa, lapho kulindeleke khona ukuthi kube neminye imicimbi yobumnandi eThekwini.

"NgoLwesine, ayikho imvula esiyilindele cishe isifundazwe sonke kodwa kunamkhaza ezayo kuzosa kube wuLwesihlanu. Azobe ehambisana namathuba emvula amancane cishe angu-30% okuyinto eKwaZulu-Natal. Kuzoba ngathi kuthanda ukubanda impela ngoLwesihlanu," kusho uDlamini.

Uthe amazinga okushisa aphezulu azobe alinganiselwa ku-20 no-21.

"NgoMgqibelo iyahamba le mvula, asilindele lutho kodwa lawo makhaza ngeke ahambe. Amazinga okushisa azobe esala ko-20 no-21. NangeSonto kuzobe kusekhona ukubanda," kuchaza uDlamini.

Uqhube wathi ngeke kubande kakhulu okwedlula ezindaweni okubalwa kuzo iKokstad naseXopo, njengoba kulindeleke ukuthi likhithike ezintabeni zaseLesotho.

Uthe abantu abazobe beseThekwini, abakhululeke baziphathele noma amajezi amancane uma bewasaba amakhaza.

"Kubanda uma ungumuntu waseThekwini ungawajwayele amakhaza kodwa uma uwumuntu osijwayele lesi simo sezulu kwezinye izindawo ngeke ube nankinga."