ULady Du ugqamise indima ebalulekie eyadlalwa nguMr Jazzi Q ngesikhathi ebhekene nesikhathi esinzima sokudlulelwa nguyise emhlabeni, uMbuyiselo Ngwenya, owayaziwa njengoDJ Choc.
Image: Instagram
Umculi ophinde abe ngumbhali wezingoma, uDuduzile Ngwenya owaziwa ngelika Lady Du, udlulise amazwi okubonga umngani wakhe naye ongumculi, uTumelo Manyoni owaziwa ngelika Mr JazziQ, ngesikhathi ebhala ezinkundleni zokuxhumana.
ULady Du ugqamise indima ebalulekie eyadlalwa nguJazzi Q ngesikhathi ebhekene nesikhathi esinzima sokudlulelwa nguyise emhlabeni, uMbuyiselo Ngwenya, owayaziwa njengoDJ Choc.
“ubekhona ngesikhathi ngishonelwa ngubaba; waba yinsika yami ezinhlungwini engangidlula kuzona. Angazi ngingakubonga kanjani.”
Uveze nemizwa yakhe ngesikhathi ethi, “ngibhala lo myalezo nje ngiyakhala, ngobasisuka kude. Emazwini akhe okubonga ubize uJazzi Q ngo “bhuti wami”, okungamagama akhombisa ukujula kobudlelwano babo ngesikhathi ethi, “INkosi ikubusise, Ngiyakuthanda bhutiwami.”
ULady Du udume ngokubungaza labo abadlale indima enkulu endleleni yakhe yempumelelo, kanti-ke emazwini wakhe wokubonga ukubeke kwacaca ukubaluleka kukaJazzi Q empilweni yakhe kanye nasemsebenzini wakhe. Laba baculi sebesebenze kakhulu ndawonye, ikakhulukazi ngesikhathi kusanda kuqala Amapiano, okuwuhlobo lomculo odlisile eNingizimu Afrika.
ULady Du usanda kuphindela emculweni, emuva kokulahlekelwa ngubaba wakhe (Dj Choc), ekuqaleni konyaka.
Uveze ukubuyela kwakhe estudio ngesikhathi ethi, “La masonto amabili edlule ngiwachithe estudio, umculo omusha uyeza maduze,” ebhala ezinkundleni zokuxhumana.
Okunye ke, lentokazi izoba ngomunye wabazonandisa kwi-Zee Nation Fest, ngomhlaka 9 Agasti nonyaka.