Ezokungcebeleka

UPrince Kaybee ukhala ngenkinga yokukhohlwa

Nonkululeko Nhlapo|Published

UDj wakuleli uPrince Kaybee ukhala ngenkinga abhekene nayo yokukhohlwa

Image: X

Uphumele obala ezinkundleni zokuxhumana uDJ wakuleli uPrince Kaybee ngenkinga anayo yokukhohlwa.

Uthi le nkinga imfakela ingcindezi enkulu ngoba iyanda futhi uyasaba ukuthi uzolahlekelwa amathuba empilweni ngoba kuzobonakala sengathi akakwazi ukwenza umsebenzi futhi uyayinyanya leyonto.

"Nginenkinga ethile ethinta ubuchopho bami (kusho ochwepheshe), ngiyazibuza ukuthi ngingakugcina isikhathi esingakanani okusele ebhange lami lenkumbulo," kusho yena ebhala enkundleni u-X.

Lo DJ uveze ukuthi okumphatha kabi kakhulu wukuthi unezingane.