Ezokungcebeleka

Iphendulwe ihlaya eyokubanjiswa kukaMantashe kwesikaMengameli

Fanelesibonge Bengu|Published

UNGQONGQOSHE wezokuMbiwa Phansi uMnuz Gwede Mantashe obambe esikhundleni sokuba wumengameli wezwe

Image: Jacques Naude/Independent Newspapers

SEBEYIPHENDULE ihlaya eyokugadiswa izwe kukaMnuz Gwede Mantashe, njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa nePhini lakhe uMnuz Shipokosa Mashatile behambele phesheya.

UMantashe, onguNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi ubanjiswe izintambo kusuka ngeSonto kuze kube yinamhlanje.

Lokhu kungenxa yokuthi uRamaphosa uhambele e-United States of America lapho eyohlangana khona noMengameli wakhona uMnuz Donald Trump. Ngesikhathi esifanayo, uMashatile uhambe ngokomsebenzi walibangisa eFrance.

NgokoMthethosisekelo, uRamaphosa uqoke uMantashe ngokwesigaba u-90(01(b).

UMantashe akaqali ukubanjiswa njengoba uRamaphosa amthuma ukuthi amumele eyomethulela inkulumo yosuku ngesikhathi kunomgubho woSuko lweNkululeko e-Ermelo, eMpumalanga, ngenyanga eyedlule.

Ezinkundleni zokuxhumana kuningi ukuphawula ngokuphatha kukaMantashe.

UKhaya Sithole ufake umbhalo ozungezayo, othi ngaphansi kobuholi bakhe kuningi izwe elikuzuzile.

Kubalulwe lokhu:- Akukho ukucinywa kukagesi okuhleliwe- U-Omotoso (Timothy) uhambile ezweni.- Amajita anqobe i-Africa Cup of Nations ka-under 20.- Uthume usomabhizinisi uJohan Rupert ukuthi ayovikela izwe e-USA- AmaZulu akhulume isiPedi okokuqala emlandweni.

Abanye bengeze ngokuthi kwethulwa nesabelomali esisha ePhalamende.

UThemba Makhubo uthe: "Ulethe amakhaza."

UBloody Aardvark, untele ngokuthi uMantashe ugunyaze ukuthi kwenziwe umfuziselo wakhe we-bronze ukugubha impumelelo yakhe yamahora angu-12 njengomengameli obambile.