ABALINGISI oCharlie Bouguenon, Kgomotso Christopher, Nambhitha Mpumlwana noLuxolo Ndabeni bemasha ngaphandle kweNkantolo yoMthethosisekelo izolo
Image: X
ABALINGISI bathi siphelile isikhathi sokusinisa amahleza njengoba befuna izinguquko zomthetho ukuze bakwazi ukukhokhelwa ngokudlalwa nangokudayiswa kwemisebenzi yabo.
Abalingisi abangaphansi kwenhlangano iSouth African Guild of Actors (Saga), bakusho lokhu izolo, ngesikhathi benombhikisho eConstitution Hill, eGoli, lapho kuneNkantolo yoMthethosisekelo khona.
Bebehambisana nezinye izinhlangano okubalwa kuzo iSection27, Blind SA, Recreate SA, South African Democratic Teachers Union, Library and Information Association of South Africa, Right 2 Know, Wikimedia South Africa nezinye.
Imashi ibiqondene nokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo izolo, ibibheka imithethosivivinywa ethinta amaciko yeCopyright Amendement Bill nowePerformers' Protection Bill.
USihlalo weSaga, uJack Devnarain ekhuluma embhikishweni, uthe sesiside isikhathi abalingisi bencishwa ilungelo lokuthi bathole ama-royalties.
"Kumele sikushintshe lokho namhlanje. Sesiside isikhathi abalingisi baseNingizimu Afrika bebonakala futhi bebungazwa umhlaba wonke ngaphandle kokuthi kube khona isenti eliza kubo. Namhlanje lokho kuyashintsha futhi kushintsha la," kusho uJack.
UJack, owagqama elingisa indawo kaRajesh Kumar kwiSidingo, uthe iNkantolo yoMthethosisekelo iyona ndawo lapho abangahambisa khona izikhalo zabo futhi zicubungulwe kahle.
"Asidlali nosopolitiki manje. Asikho lapha ukuzodlala nabantu abafuna ukuthatha kithi, bebe kithi basebenzise izithombe zethu ngaphandle kokusikhokhela. Isikhathi salokho sifike sadlula," kuchaza uJack.
Related Topics: