Ezokungcebeleka

Nosaziwayo abazibekile phansi ngeComrades Marathon engenyanga ezayo

Fanelesibonge Bengu|Published

UMANDISI Dyantyis uvivela ukugijima iComrades Marathon yakhe yesithathu

Image: Facebook

OSAZIWAYO abahlukene bakuleli bazohlanganyela nezinkulungwane zabantu ezizofasa amateku zisuke eMgungundlovu, zilibangise eThekwini ngenyanga ezayo, emjahweni iComrades Marathon.

IComrades ekuzoba ngeka-98 ikhona, izogijinywa ezinsukwini ezingaphansi kuka-18 ngoJuni 8, isuka eCity Hall ize iyophelela ngaphandle kwasePeople's Park. Ibanga ngu-89.98km.

Bangu-24 000 abazogijima iComrades nonyaka esingathwa ngaphansi kwesiqubulo esithi, More Than A Race - Isiko Mpilo.

Gloria Ngcobo

Image: instagram

Phakathi kosaziwayo ababhalisele ukugijima, kubalwa kubo isihlabani se-jazz, uMandisi Dyantyis.

Lo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi NguMama, Xola Ntliziyo nezinye, kuzobe kungokwesithathu eyigijima.

Ngo-2018 nango-2019, wayebhalisile kodwa wagcina engagijimanga.

Kabelo Mabalane

Image: Instagram

Ubuye ngo-2023, ethola indondo yeBronze ngesikhathi eqeda ngesikhathi esingu-10:24:51.

Ngonyaka odlule ngesikhathi ikhuphuka ubuye nendondo iRobert Mtshali, eqeda ngo-09:33:58.

Nakulo nyaka, ubukeka esefomini njengoba ethole indondo yeSainsbury, etholwa ngabaqede phakathi kwamahora amane namahlanu kwiTotalsports Two Oceans Marathon, ebingo-Ephreli. Uqede ngo-04:53:08 ehamba ngo-05:15min/km.

Omunye okhuza ubuya, wumakadebona we-kwaito ophinde abe ngumfundisi, uKabelo Mabalane.

UKabelo ubalwa nabakhethekile kulo mjaho njengoba ene-green number etholwa ngasebegijime amaComrades angu-10 kuya phezulu.

Ukhuza ibuya kulo mjaho emuva kokugcina ngo-2019. Ukube wagcina egijimile ngo-2012 lapho ayebhalise khona, ngabe useqede amahlandla angu-13 kodwa uqede ka-12.

Carly Fields

Image: Instagram

Lo mculi oyilungu leTKZee uphethe izindondo zeBill Rowan eziyisishiyagalolunye namaBronze amathathu.

IBill Rowan itholwa oqede phakathi kwamahora angu-07h30 no-08h59:59.

IBronze uyithola uma uqede phakathi kwamahora angu-10h00:00 no-10h:59:59.

Ngo-2019, wagcina ngegiya eliphezulu ngoba yilapho aqopha khona isikhathi esihle kusuka aqala eqeda ngo-07:54:57.

Abanenkundla yokuxhumana iTikTok kuyoba kancane bengamazi uGloria Ngcobo, ozakhele udumo ngemidanso yakhe eshiya abantu bephela yinsini. Uphinde agqame ngeziqubulo zakhe ezithi "sharp lapho magenge", "munuu", "ngisenjeni we-oe" nezinye.

Ngonyaka odlule ubesohlelweni lwethelevishini iTropica Island of Treasure Zanzibar, okugcine kunqoba uHungani Ndlovu noDimakatso Calisa.

Kungenzeka ukuthi ukuba kulolu hlelo yikho okuphuthisele le ntokazi ngethuba lokuthola izindondo ze-back-to-back, ezitholwa ngumgijimi omusha oqeda amaComrades Marathon iminyaka emibili ilandelana.

UGloria ugijime iComrades yakhe yokuqala ngo-2023, ngesikhathi iphela eMoses Mabhida Stadium, wahlabana ngendondo yeVic Clapham eqeda ngo-11:39:39.

Kosopolitiki, ilungu lePhalamende elimele iRise Mzansi, uMakashule Gana, lisohlwini lwabazoqunga amakhaza eMgungundlovu ekuseni ngoJuni 8.

UGana, oyisishoshovu sokuthi abantu bavikeleke esihlaveni sokugembula, akalona ivukane kulo mjaho.

Uqale ngo-2018, lapho ebuye khona neBronze waphinda ngonyaka olandelayo ethola efanayo.

U-2022 kube wunyaka omuhle eqopha isikhathi sakhe esingcono, ebuya neRobert Mtshali ngokuqeda ngo-09:27:01. Ngo-2023, uthole iBill Rowan.

Kuzocaca maduze ukuthi uzoqala yini kulo nyaka kulandela ukubhalisa ngonyaka odlule kodwa wagcina engagijimanga.

Owayeyisilomo ethula izinhlelo zezingane iYoTV, uCarly (Fields) Louw, ubheke ukuqeda iComrades Marathon yakhe yesikhombisa. Usegijime ayisithupha okungamathathu anyukanyo namathathu ehlayo kusuka ngo-2017.

Le ntokazi engumsakazi esiteshini sase-Eastern Cape, i-Algoa FM, inezindondo zamaBronze ezine, iBill Rowan neRobert Mtshali eyodwa ayithola ngo-2019.

Omunye usaziwayo ozogijima kulo nyaka wusomahlaya onezindondo zeSavanna Comics' Choice Awards, uRory Petzer.

URory ophinde aqhulule amahlaya ngakho ukugijima, ubheke ukuqeda umjaho wakhe wesine.

Uqale ngo-2018, ebuya nendondo yeVic Clapham. Ngo-2019 nango-2022 akaqedanga.

Akaphelanga moya njengoba ebuye ngo-2023, lapho ethole enye indondo yeVic Clapham kwathi ngonyaka odlule, waphinda enye efika eScottsville Racecourse eMgungundlovu, ngo-11:33:58.