UMFUNDI wezindaba kwiNewzroom Afrika u-Aldrin Sampear
Image: Instagram
KUHLUKENE imibono ngokuxolisa komfundi wezindaba kwiNewzroom Afrika, u-Aldrin Sampear, owaqoshwa kwi-video ehilizisana nowesifazane emuva kokushayelisana kabi emgwaqweni ngenyanga edlule.
U-Aldrin wethula i-AM Report ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nesonto.
Kwi-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana, uzwakala ehilizisana nowesifazane embuza ukuthi kungani emkhombise umunwe ophakathi nendawo.
Owesifazane uzwakala embuza ukuthi kungani emshaya, ethi akayeke ukumshaya.
Kuthe ngo-Ephreli 22 iNewzroom Afrika yakhipha isitatimende ithi iyazi ngesigameko esithinta umfundi wezindaba u-Aldrin. Yathi izithathela phezulu izinsolo.
“USampear uzohlaba ikhefu emsebenzini wakhe wokusakaza kusuka manje kusalindwe ukuthi udaba ludingidwe ngaphakathi,” kiusho isitatimende.
Kusuka lapho u-Aldrin, opinde abe wumsakazi, akazwakalanga emoyeni kunalokho uhlelo lwenziwa wu-Arabile Gumede.
Nokho izolo ekuseni zijikile izinto ababukeli bevuka ngaye kwithelevishini. Uqale ngokuxolisa ngesigameko esenzeka ngo-Ephreli 17.
“Emuva kokuba nesikhathi sokubuyekeza okwenzekile, ngithanda ukuvuma konke engakwenza. Noma ngingamshayanga omunye umshayeli kodwa ngikholwa wukuthi kwakumele ngehlise umoya ngithole enye indlela yokulungisa isimo,” kusho u-Aldrin.
Uzwakalise ukuzisola waxolisa kozakwabo, ababukeli, nakubaphathi.
“Ngiyathemba ukuthi kusuka manje ngizokwazi ukwakha kabusha ukwethenjwa engithweswe khona njengoba ngiqhubeka kulolu hambo lokwenza kangcono. Nasezinganeni lapho ngithi umalume, u-Aldrin ngempela uyaxolisa, Ngiyaxolisa. Ngiyathemba ukuthi nizokwazi ukungixolela,” kusho yena evukwa wumunyu.
Abantu baphawule ngezindlela ezahlukene enkundleni yokuxhumana i-X.
UJenna uthe wamukelekile futhi uyamxolela.
UWinston uthe ukuxolisa kwakhe akunasisindo akakwamukeli.
“Akukona ukuxolisa lokhu… washaya umuntu wesifazane. Ngiyema lapho,” kubhala uQpepe.
UQuick Whit uthe bayamthanda wathi uyaxolisa ngokuthi udlule kulokhu. Uthe kumele aqine.
Related Topics: