IQEMBU Abanqobi likhiphe i-albhamu entsha i-The Journey Continues
Image: Sithunyelwe
IQEMBU lowokholo elicula ngaphandle kwezinsimbi, Abanqobi, lihloniphe uzakwabo ongasekho kwi-albhamu yalo entsha, iThe Journey Continues.
Leli qembu elidabuka eMlaza lishonelwe womunye wabasunguli balo, uSibusiso Zulu, ngo-Okthoba, nyakenye, emuva kokugula.
NgeSonto eledlule, likhiphe i-albhamu entsha yesishiyagalombili eminyakeni engu-26 likhona.
Kwenye yezingoma ezingu-10 ezikwi-albhamu ethi Ngimele Nkos’uJesu lithi: “Sikhumbula amadoda akithi asadlulayo emhlabeni esasinawo kuyona le ndima, kuwona lo mculo. Sikhuluma ngawo oMageba oNdabezitha. Lala kahle qhawe, lala kahle nsizwa yakwethu.”
Omunye wabasunguli babaNqobi, uMandla Ntuli, uthe bekubalulekile ukuthi bamhloniphe uSibusiso.
“Eqenjini bese sisele sibahlanu abantu abadala abaliqala. Yimina, uSiya Ndlovu, uLamont Ndlovu, Andile Mbili noSbu. Abanye bebelokhu besijoyina. Ukuhamba kukaSbu kusiphazamisile ngoba njengomuntu owumholi okuningi bengikwenza naye. Besiqala nanokuhanjelwa wumuntu eqenjini ngakho igama lakhe senza isiqiniseko sokuthi asilikhohlwa," kusho uMandla.
Uthe uSbu wahamba eculile kwezinye zezingoma.
“Kwethi Baba siyacela wayesakhona noma wayengasaphathekile. Wawusubona ukuthi uyagula. Nezinye uyarabhela okuwukungena engomeni ucule nomuntu oqalayo. Kwethi Anginawo amandla uyena oqalayo.”
Uthe njengoba bethe i-albhamu yabo ngokuthi yiThe Journey Continues, bachaza ukuthi iseyinde indlela abasazoyihamba ngoba kuningi abasafuna ukukuzuza.
Ubalule ukuthi bafuna ukuyoba nomcimbi phesheya.
“Sifuna nokuphinda siqophe iDVD bukhoma senze into entsha. Okwamanje kodwa sizoba nomjikelezo wokwethula i-albhamu.”
Udalule nokuthi njengoba benamalungu angu-10 nje, basezinhlelweni zokwengeza amanye amabili.
“Kunabanye abatohozayo othola ukuthi mhlawumbe uma siyocula abekho babambeke khona. Sifisa ukwengeza ababili. Ngeke siyenze inhlolokhono ngoba kuvele kuze abantu abaningi abathanda ukucula kodwa uthole ukuthi bancane abakwaziyo. Kusekhona abafowethu esikhulume nabo engaziyo ukuthi bayakwazi ukucula ngoba babesemaqenjini angasekho,” kusho uMandla.