Ezokungcebeleka

Kuvezwe abazonandisa kwiHollywoodbets Durban July

Fanelesibonge Bengu|Published

IMAFIKIZOLO ebunjwe wuTheo Kgosinkwe noNhlanhla Mafu izonandisa kwiHollywoodbets Durban July, ngoJulayi 5

Image: Sigciniwe

KUDALULWE uhla lwabaculi abazonandisa kwindumezulu iHollywoodbets Durban July ezoba seGreyville Racecourse ngoJulayi 5.

Lo mcimbi waminyaka yonke ungeminye wemijaho yamahhashi emikhulukazi kuleli uhambisana nengqephu, umculo nobumnandi.

UZolani Mahola wodumo lweqembu iFreshlyground nguye ozocula iculo lesizwe.

Asebemenyezelwe ukuthi bazonandisa yiqembu iMafikizolo amalungu alo uNhlanhla Mafu noTheo Kgosinkwe, kulezi zinsuku abakhipha ngokwahlukana.

Abanye wumzwilili uLira, Hot Water, GoodLuck, DJ Dalootz, Lee Cole neqembu iSunset Sweatshop.

Laba bazocula esiteji esikhulu lapho zonke izethameli zingakwazi ukubabona khona ngethikithi lokungena esangweni elibiza u-R230.

Abanye abazonandisa ematendeni ngokwahlukahlukana kwawo bazomenyezelwa.

UZandile Dlamini okhulumela iHollywoodbets, uthe umcimbi walo nyaka ungaphezu komjaho kodwa yilapho abantu bezozwa khona ubunjalo bawo.

“Siyajabula ukwethula uhla lwabazonandisa olubungaza umculo waseNingizimu Afrika futhi olwengeza okuthe xaxa emcimbini ovele usezingeni,” kusho uZandile.

Kuyimanje kuyaphithizela eGreyville Racecourse njengoba kulungiswa inkundla. Ngaphandle kokulungiswa lapho kungqabashiya khona izinjomane, kushintshwa namalambu, kufakwa akhanya ebusuku kube ngathi yisemini.