Thuli Phongolo
Image: X
UZALO
Ngo-8.30 ebusuku kwi-SABC1
NJENGOBA uSbu eqhubeka nokugqugquzela abantu ngokufika kukaPastor Zwane, uNkazimulo ukuthola kunzima ukutshela uNkunzi ngo-Ashley. Umuntu ongaziwa impilo yakhe isengcupheni kodwa ingabe ukusinda kwakhe kuzoletha injabulo noma usizi? USbu umatasa ufuna ukuthola umfundisi ozoba isivakashi esiqavile ebandleni labo. UMbatha usebenza kanzima ukuthi aqale ukuba usopolitiki. Ngabe uNyawo uzokwenzani njengoba uMbatha ehlangana nesitha sakhe esidala? Ngabe uGeja uzokwazi ukubonisa uKhumbulani ukuze amnike elinye ithuba? Ngabe yini eyenza uPhefeni azibe izingcingo zawo wonke umuntu? UKhuse udlala umdlalo oyingozi noMbatha. UNkunzi ushaya umthetho uma kuziwa kuNkazimulo.
GENERATIONS: THE LEGACY
Ngo-8 ebusuku, kwi-SABC1
NGABE uMelokuhle uzoxoshwa emsebenzini wakhe oyitoho osanda kuwuthola? UKhumo uyamangala ukubona umuntu oyisikhulu ekhala. UNamhla utshala umqondo wokungabaza kumama wakhe. Ingabe uSphe uveza okuningi okungafanele kumuntu ongalungile? Akukho lula kuJack Mabaso ukuzehlisa. UKea uthukile kakhulu njengoba elinde ukuzwa ukuthi kuzokwenzakalani. UMpho uyamangala ukubona ukuthi ubani ozodla nabo esidlweni sasebusuku. UBab’Lekone uzwa inkulumo obekungamele ayizwe. U-Ayanda akazizwa ekhululekile ngento efuna ukwenziwa uTau. Injabulo kamama iyaphela uma kungena ucingo oluphuma kuDitiro. UNamhla (Thuli Phongolo) akuyena kuphela owenza uphenyo njengoba kukhona akubhekayo. UFikile uyamangala uma ekhonjiswa iqiniso lonke.
SCANDAL!
Ngo-7.30 ebusuku, kwi-e.tv
U-SAMMYDAY usala emangele ngento efunwa ngenkani uMthunzi. UDintle usaphatheke kabi ngobugebengu akholelwa ukuthi uMthunzi ubenzile. UPoet ufunela umuntu asondelene naye usizo. UVuvu uzimisele ukuveza iqiniso, noma kungenzakalani. Abomthetho bayabizwa ukuze bazobheka ubufakazi kodwa kuba khona abathukayo. USammyday uyabona ukuthi wenze iphutha elikhulu. UMaThubela uyavuma ukuthi wenze iphutha kodwa akuwona wonke umuntu omxolelayo. UNhloso umangele ukuzwa ngokuthi khona ababoshiwe. UTlhogi noMdala bakuthola kunzima ukwamukela isimo esisha okumele baphile ngaso. UMaDlomo uletha umbono wokuthi singalethwa kanjani isijeziso. UPoet ubona isikhangiso futhi kukhona umqondo omfikelayo.
Andile Mbatha
Image: X
HOUSE OF ZWIDE
Ngo-7 ebusuku, kwi-e.tv
UMOLEFE no-Isaac baya kobhekana nabanikazi bezitolo, babasola ngokudayisa ofohlo abanoshevu kodwa umnikazi wesitolo uba nolaka futhi usola umuntu obenzayo, uBra Carter. UMolefe uhlanganisa umphakathi ukuze uhlangane kuvalwe izitolo ezidayisa ofohlo abanoshevu. UCarter utshela abasebenzi bakhe ukuthi bahlanze la besebenzela khona ukuze bungabi bikho ubufakazi. U-Isaac uveza ukudliwa unembeza ngokudla ushevu kukaRea. AbakwaMolapo bayakhululeka uma bezwa ukuthi isimo sikaRea siya ngokuba ngcono. Abasiki bengqephu balungiselela umcimbi wemfashini iJoburg Fashion Week. UBra Carter uqala ukusabisa abanikazi bezitolo ukuthi bangafakazi ngaye. UBra Carter uthuma onogada bakhe ukuthi baye koshaya omunye umnikazi wesitolo ngemuva kokuveza bonke ubufakazi.
INIMBA
Ngo-9.30 ebusuku, kuMzansi Magic
UZOLEKA, uHlathi noThumeka kumele basebenze ngokubambisana ukuze bathole uQhawe. Ukufuna iqiniso kwenza kuphume izimfihlo ezithusayo. UQhawe wenza isinqumo esikhulu esithinta ubudlelwano bakhe noMawethu. UQhawe noMawethu babanjwa besesimweni esingesihle. ULwandle uyaphoxeka phambi komndeni wakhe nozakwabo emsebenzini. Izinto azihambi kahle phakathi kukaZoleka noMawethu. ULwandle ulahlwa ngisho ubaba wakhe. ULwandle uyanqaba ukuvumela isimo sokuthi abukelwe phansi futhi athwale wonke amacala kababa wakhe. Izimfihlo ziyavela futhi zidala ukuthi isimo singabi sihle phakathi kukaQhawe noMawethu. UThumeka ulwela into eyigugu kuye.
Siphosethu Mabaso
Image: Sithunyelwe
ITHONGA
Ngo-8.30 ebusuku, kuMzansi Magic
UMAMBHELE unamazwi angemahle awabhekise kuSanele. Uyamudla unembeza uLungelo. UPablo (Siphosethu Mabaso) ushayela isipikili sokugcina sokudicilela phansi uSanele nabakwaMagwaza. Injabulo ka-Ayanda isheshe iyaphela uma ehlaselwa ukugula. Ingabe inkontileka izoqedwa? USanele wenza konke okusemandleni akhe ukusindisa inkampani yakwaMagwaza kodwa ngabe yini azokhokha ngayo? Isimo sika-Ayanda siya ngokuba sibi futhi uvalo emndenini wakhe luyakhuphukela. UGadla ubhebhethekisa amanga ayingozi njengoba eqinisa impi kubasebenzi nasemsebenzini. Izinto ziyaqhubeka nokungamhambeli kahle uSanele futhi umlayezo awuthola ezitheni zakhe umqeda amandla. Imimoya emibili ilwa emzimbeni owodwa. Kodwa ngabe ubani ozophumelela?
Related Topics: