Ezokungcebeleka

Imvunge iNingizimu Afrika ihoxa emncintiswaneni wonobuhle

Fanelesibonge Bengu|Published

ULalela Mswane waKwaZulu-Natal ngesikhathi ethatha isicoco sikaMiss Supranational ngo-2022

Image: Seweryn Cieślik

Inkulu imvunge ngesinqumo seMiss South Africa Organisation, sokuhoxa emncintiswaneni wonobuhle bamazwe omhlaba iMiss Supranational, ozoba ePoland ngenyanga ezayo.

Isinqumo simenyezelwe esitatimendeni seMiss South Africa Organisation, ithe ngeke iyivuselele nelayisensi yayo yomcimbi njengoba uMiss South Afrika ubemela izwe kulo mncintiswano.

Lokhu kusho ukuthi uMiss South Africa okhona uMia Le Roux, ngeke aze aye ukuyomela izwe ePoland ekupheleni kukaJuni.

Ngonyaka odlule uMia wahoxa kuMiss Universe ngenxa yokungaphili.

INinigizimu Afrika igcine ukunqoba isicoco sikaMiss Supranational ngo-2022, ngesikhathi sithathwa ngowayenguMiss South Africa uLalela Mswane. EsikaMr Supranational njengamanje siphethwe wuFezile Makhanya ongudokotela wakuleli.

Ngesikhathi abanye bethi isinqumo seMiss South Africa Organisation sithathwe ngenxa kaMia nowalala isibili uNompumelelo Maduna, inhlangano ithe kube ngesayo yodwa.

URushonganyo ubuze ku-Instagram ukuthi kungani inhlangano icekela phansi amaphupho abesifazane emincintiswaneni yonobuhle kulandela ukuhoxa kuMiss World, nakuMiss Universe.

UMunesiushe Ernest uthe: “Kusuka le nhlangano yaba nokungaboni ngaso linye noZozi iyawa. Ikhethe ukuwa neMiss Universe Organisation.”

UTebzamek uthe inhlangano iyaqhubeka nokubaphatha kabi.

“Bengikubheke ngabomvu ukubona uNompumelelo Maduna ebambe iqhaza kulokhu,” kusho uKwan_ele.

Kwenzeka lokhu nje, owaba nguMiss South Africa ngo-2010 uBokang Montjane-Tshabalala, useqokwe njengomqondisi omusha kaMiss Supranational South Africa.

Uthe uyajabula ngokuqokwa kwakhe.

“Umsebenzi wami empilweni uncike kakhulu ekwakheni izinkundla zokugqugquzela, ukuthuthukisa nokuvulela amathuba intombazane yaseNingizimu Afrika. Ngikholwa wukuthi umncintiswano wonobuhle uma wenziwa kahle ungaba yithuluzi elinamandla lokwenza ushintsho,” kusho uBokang oshade nowayengumdlali weKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala.