Ezokungcebeleka

UMacG uxolise wamema uMinnie Dlamini ohlelweni

Fanelesibonge Bengu|Published

UMacG uzehlisile waxolisa kuMinnie Dlamini ohlelweni lwakhe

Image: Youtube

Umethuli wohlelo iPodcast and Chill with MacG, uMacgyver “MacG” Mukwevho usezehlisile waxolisa kuMinnie Dlamini ngenkulumo eyasusa umsindo ayenza ngaye.

Umsindo usuke esiqeshini sasemasontweni edlule lapho uMacG encome khona uMinnie ngokuthi muhle wabe esebuza ukuthi kungani ehluleka wukugcina umuntu wesilisa.

Lokhu kulandela isitatimende esikhishwe ngobeyisoka laphe uBrian Monaisa, oveze ukuthi yena noMinnie sebehlukene.

Minnie Dlamini

Image: Instagram

UMacG  wajobelela ngokuthi mhlawumbe kukhona okungahambi kahle ngaye.

“Mhlawumbe inanazi yakhe iyanuka,” kusho uMacG.

Esiqeshini sangoMsombuluko ntambama uqale ngokubonga abantu abamesekayo kula masonto edlule wathi baningi abathandaza ukuthi awe.

“Kokunye ngike ngifise ngathi ngingaqoqa yonke into ngibuyele eVenda ngiqale ukulima,” kusho uMacG othe uthando lumnika amandla.

Ube eselandela ngokuxolisa kubo bonke abesifazane abangababukeli bohlelo lwakhe nabo bonke jikelele eNingizimu Afrika abangaphathekanga kahle ngokuphawula kwakhe.

“Kwakungeyona inhloso. Uyazi asisho izinto ngoba sifuna ukugxibha abantu. Ngithanda nokumema uMinnie Dlamini. Ngifuna ukummema ohlelweni, wamukelekile ukuza ohlelweni. Lento iqale ohlelweni, asiyiphethe khona. Kunezinto azisho nami kunengazisho. Asiyivale ingunaphakade,” kusho uMacG.

Uzakwabo kaMacG uSol Phenduke uzwakalise ukungabaza ukuthi uMinnie uzovuma ukuza ohlelweni.

Baningi abazwakalisa ukungenami kwabo okubalwa nabaholi bezombusazwe.