Ezokungcebeleka

Owezokuxhumana uphawula ngenkulumo kaMacG

Fanelesibonge Bengu|Published

UMAC G wohlelo lweYouTube iPodcast and Chill with MacG

Image: Instagram

UNGQONGQOSHE wezokuXhumana uSolly Malatsi, uthi akukwazi ukuthi ama-podcast engaqhubeka lungekho uhlaka oluwabhekelelayo ukuthi enza izinto ngendlela efanele yini.

Inkulumo yakhe ilandela ukuba sematheni kukaMacG wePodcast and Chill with MacG kwiYouTube, osolwa ngokuthunaza isithunzi sikaMinnie Dlamini.

Umsindo usuke esiqeshini lapho uMacG encome khona uMinnie ngokuthi muhle wabe esebuza ukuthi kungani ehluleka wukugcina umuntu wesilisa.

UNGQONGQOSHE wezokuXhumana uSolly Malatsi

Image: Sigciniwe

Lokhu kulandela isitatimende esikhishwe ngobeyisoka laphe uBrian Monaisa, oveze ukuthi  sebehlukene.

UMacG uthe mhlawumbe kukhona okungahambi kahle ngaye njengokuthi inanazi yakhe mhlawumbe inephunga.

UMalatsi ekhuluma kwi-podcast kaDJ Fresh iWhat A Week!, uthe ayamukelekile inkulumo kaMacG ezweni eligubuzelwe wudlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanjalo nokungalingani ngokobulili.

 

Uthe abasakazi banomsebenzi wokufundisa abalaleli ngolwazi nangendlela efanele yokwenza izinto.

Uqhube wathi abaningi bayakubalekela lokho becasha ngokuthi okwabo wukuhabulisa abantu.

“Amaziko ezindaba ajwayelekile aseshintshile ngakho izinhlaka ezikhona ezibhekela ukusebenza ngendlela azisebenzi kuma-podcast,” kusho uMalatsi.

 

Uthe bazoqala maduze ukusho ukuthi bazolusungula kanjani uhlaka oluzonika ababukeli ilungelo lokufuna ubulungiswa uma isithunzi sabo sithunazwe ngabama-podcast noma kusatshalaliswe izindaba ezingamampunge.

Uqhube wathi ngokwakhe akukwazi ukuqhutshekwa lungekho uhlaka olubheka ukuthi abama-podcast, basakaza ngendlela.

Iphini likaNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli emnyangweni wabesifazane, intsha nabaphila nokukhubazeka, uMmapaseka Letsike, ucashunwe egxeka inkulumo kaMacG ethi ithunaza uMinnie.

 

Uthe inkulumo yakhe izobikwa ezinhlakeni ezifana neCommission for Gender Equality, Human Rights Commission neBroadcasting Complaints Commission of South Africa ukuze ziyibheke.

USihlalo wekomiti lezokuxhumana ePhalamende uKhusela Diko, ubhale kwi-X ukuthi uyazi ukuthi bazobizwa ngawo wonke amagama uma iPhalamende lifuna ukushaya imithetho ezolawula ama-podcast ngoba akukuhle ukuhlaselwa kukaMinnie.

“Kuyinzondo ebhekiswe kwabesifazane, kuzwisa ubuhlungu futhi akunandawo emphakathini wethu. Iyiphi indlela yokuthola usizo anayo nabanye abantu abahlukunyezwe yilezi zinkundla okushiwo noma yini kuzo? Izinkundla zokusakaza ezinamalayisensi ziyahamba ziyochaza kwiBroadcasting Complaints Commission. Kulezi zinkundla ayikho inkundla abangaya kuyona ngaphandle uma unemali yokuya enkantolo okungeyona into kanoma wubani. Ngiyathemba ukuthi lolu daba lusezithebeni zakho Ngqongqoshe Solly Malatsi,” kusho uDiko.