Ezokungcebeleka

Ibonga uNkulunkulu iWoodblock DJs ehlabane kumaMetro

Fanelesibonge Bengu|Published

IWOODBLOCK DJs ethole izindondo ezimbili kumaMetro FM Music Awards eMpumalanga ngempelasonto

Image: Sithunyelwe

IQEMBU laseMthwalume elidle umklomelo weSong of the Year kumaMetro FM Music Awards abeseMbombela Stadium eMpumalanga ngoMgqibelo, lithi kulifanele ukunqoba ngoba lishintshe umculo.

Kuleli qembu kuboshelwe uScelo "DJ Butternut" Nkomo noMthobisi "Thobzin" Vuma. Lizakhele udumo ngengoma eshise izikhotha, iSkuta Baba elipike kuyo iqembu Abafana Beskuta (Mvelost, Set Off noSomololo).

Lo mucu liwenze kabusha lapika uBuzzi Lee, Kane Keid, Cassper Nyovest, Kwesta, Tony Dayimane, Mvelost, Set off noSmololo kanti yiwo elinqobe ngawo kumaMetro.

Kusuka linqobile kuphawulwe kakhulu  kwi-X njengoba uLebogang ethe akayazi ingoma.

U-Azania uthe kuyawenza yini umqondo ukuthi njengesiteshi njalo ngoDisemba 31 phakathi kwamabili kudlalwa ingoma yonyaka kodwa ayinqobi emiklomelweni yesiteshi.

UTshepo uthe kudayiswe indondo.

Kukhona nabayincomile njengoNcuthu okhale ngevesi likaCassper Nyovest, othe kwaze kwenziwa imidanso ngengoma ngenxa yalo.

UButternut uthe akudikizi nqulu kubo ngokushiwo abantu abashaya amakhala.

“Abangayazi abangene koTikTok nakwezinye izinkundla zokuxhumana. Bazobona ukuthi singene kanjani. Siyishintshile iHip Hop, Kwaito nama-piano. Size nomculo omusha ohlanganisa zonke lezi zinhlobo esiwubiza ngeSkuta Sound,” kusho uButternut.

Ngaphandle kwale ndondo iqembu liphinde lathola eyeBest Viral Challenge ngeSkuta Baba.

“Lezi zindondo zisho okuningi. Ziyisibusiso esivela kuNkulunkulu ngoba umculo yinto esesiyizame isikhathi eside sihluleka kodwa sesiphumelela manje. Besiqopha usuku nosuku uNkulunkulu useze wasibusisa. Ozamayo kodwa kungalungi akabukele kithina ngoba singabantu okwakumele baphonse ithawula kudala kodwa manje umsebenzi uyabonakala uma uphokophela,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi bazokwakhela phezu kwesisekelo asebenaso bakhiphe ezinye izingoma ezihamba ngazodwa, ukuze abantu bajwayele isigqi sabo.

Kweminye imiklomelo, kuhlonishwe indlovukazi yomculo wokholo, uRebecca Malope, ngendondo yeLifetime Achievement.

Uthe ubengayilindele wabonga wanconcoza.

Neqembu iTKZee lihlonishwe ngendondo efanayo.

 Selulonke uhla lwabanqobile lumi kanje:

Best Female Artist

Xolly Mncwango

Best RnB Song

Mawelele & Kwela – All my Liffe

Best Dance Song

Chronical Deep, Lahleeza, Kabza De Small ft Latique, Ezra – Hayi Baba

Best Styled Artist

Morda

BestKwaito/Gqom Song

Mr Thela, Beast RSA, Mthandazi Gatya & Zanda Zakusa - Ekhaya

Best Jazz Album

Linda Sikhakhane - iLadi

Best Music Video

Bassie, M-Touch, Ranger, Amaza ft TManXpress. LeemcKrazy  Kwelanga 2.0

Best Viral Challenge

WOODBLOCK DJS – Mvelost: Sest Off; Somololo  SkutaBaba

Best Produced Album

Emtee – DIY 3

Best New Artist

NEO DUBE

Best Collaboration Song

Bassie, M-Touch, Range, Amaza tf. TmanXpress, LeencKrazy  Kwelanga 2.0

Artist of The Year

Makhadzi

BestAmapiano Song

Bassie, M-Touch, Ranger, Amaza ft. TmanXpress, LeemcKrazy  Kwelanga 2.0

Best Hip Hop Song

SKHANDAWORLD, K.O & Nasty C – Too Much

Best Duo/Group

Blaq Diamond

Best African Pop Song

Naledi Aphiwe & Mawelele – Romeo & Juliet

Best Gospel Album

Xolly Mncwango - Unusual

Best Male Artist

Usimamane