ITKZee ishaye amanoni athandwa abaningi bakhohlwa nokuthi umcimbi weJazz
Image: Bruce Sutherland/Capetown Municipality
ZINOJU kubathandi be-jazz njengoba abagqugquzeli beqinisekisa izinsuku zonyaka ozayo zeCape Town International Jazz Festival, okuthiwa izoba ngoMashi 2026. Kulo nyaka, umcimbi obungempelasonto yango-Ephreli 25-27, wamukele abantu abangaphezu kuka-24 000, ekhaya elikhulu eKapa. Ubuhle bomlando walo mcimbi nokwenze uthandwe kakhulu akuwona umculo we-jazz kuphela, kodwa ukunikeza abantu ithuba elihle lokufunda ngezamasiko namaciko ngabakhangisi abasuke bekhona bekhangisa imisebenzi yabo.
Nohlu lwabaculi abehlukene bakuleli naphesheya kwezilwandle, beshaya amanoni abo athandwayo ngesigqi se-jazz. Ngeke ngishiye oDJ abafana noBlack Coffee abaqinisekwisa ukuthi beshaya ama-sethi azoshiya abathandi bobumnandi bedelile. Abahleli bomcimbi baqinisekise ukuthi uzobuya ngempelasonto yangoMashi 27-28, 2026.
Umcimbi wakulo nyaka ubonise ngokusobala ukuthi kuhle ukuhlela kusenesikhathi uma ungafuni ukuphuthelwa ubumnandi.
Unyaka ozayo uthembisa ukuthi uzoba kwelinye izinga. UShaakirah Adams, inhloko ye-Cape Town International Jazz Festival uthe ukukhiqiza umkhosi walolu hlobo akuyona into encane. Kuthathe ukusebenza ngokuzikhandla, umusa, nokuzimisela okukhulu - kanye nethimba elikhethekile eliza nobuhlakani obuyisimanga.
“Ifestivali yalo nyaka bekuwumsebenzi wothando, umgubho wokuqina kanye nokubuyela kulokho esikwaziyo ukuthi iKapa lenza kangcono kakhulu - lisingathe umhlaba ngesitayela, bumnandi obujabulisayo,” kusho yena.
Isibalo sabantu abahambele lo mcimbi sibonisile ukuthi singomakhonya.
"Konke kube kuhle, kusukela ezinhlelweni nabakhiqizi bemisebenzi eyehlukene kuya ezikhangisweni esenziwe ezinkundleni zokuxhumana. Siyaziqhenya, siyabonga futhi sesivele sihlela ukuthi singawenza kanjani unyaka ozayo ungalibaleki njengoba kwenzeke kulokhu."
U-Adams ubonge kakhulu ubudlelwano babo nabaxhasi babo ikakhulukazi umndeni wakwaSurvé, ongabanikazi balo mcimbi ikakhulukazi, uRayhaan Survé, odlale indima ebalulekile yokwengamela umsebenzi wonke, ubambe iqhaza elijulile kusukela ekuhlelweni komcimbi kuya ekuwuphiliseni ube yimpumelelo.
UVUSE umunyu ebantwini ebonga indlela abemeseke ngayo ebuya emculweni uLira
Image: Bheki Radebe
BABHEME bakholwa koweCape Town International Jazz Festival
Image: Armand Hough
BEKUVUKA usinga kwabanye abathandi bomculo nxa bezwa izingoma ezibashaya ngaphakathi
Image: Bruce Sutherland/Capetown Municipality
UMCIMBI ubuhleleke ngendlela eseqophelweni eliphezulu
Image: Bruce Sutherland/Capetown Municipality
Related Topics: