Ezokungcebeleka

Umaskanda owuthishela udalula okwenze bagila izimanga abafundi bakhe

Nokubongwa Phenyane|Published

UKHETHA Mlotshwa odume ngelikaMaganga Uthishela emculweni kamaskandi no-Aphelele Myeni ongomunye wabafundi abenze kahle esikoleni ayingxenye yaso iNobiya High eJozini. U-Aphelele uthole o-A abayisikhombisa Isithombe: SITHUNYELWE

UMCULI kamaskandi uKhetha Mlotshwa (30), waKwaBrashi, KwaCeza, odume ngelikaMaganga Uthishela, uthi akumthenanga amandla ukugxekwa abanye akade bemsola ngokuthi akazinikelile ekufundiseni izingane, ulibele umculo kamaskandi.

Leli ciko elidume ngengoma ethi Umbonise Unina nethi Thungisani Bangani, ushayelwe ihlombe ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuveza izindaba zokuthi esikoleni afundisa kuso, iNobiya High eJozini, abafundi baphase bonke.

UMFANANAYE Mathe oyiMeya yaseJozini otuswe ngegalelo lakhe lokuthengela abafundi ukudla okuthiwa libe nomthelela wokuthi isifunda uMkhanyakude senze kahle emiphumelweni ka-matric

Isifunda saseMkhanyakude yisona esenze kahle esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Akugcinanga lapho, UMaganga Uthishela uveze ukuthi abafundi akade ebenzisa izifundo I-Geography ne-Tourism nabo bagile izimanga.

Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi kukhona abantu akade bethi ngeke ziphase izingane azifundisayo njengoba elibele umculi.

Kodwa uthi ukubeka umsebenzi wobuthishela phambili yikhona okumsebenzele njengoba engenayo enye imfihlo angayiveza.

“Ukuzinika isikhathi ngomsebenzi ngingasho ukuthi iyona imfihlo yami. Mina njengoba unyaka uqalile kuyaziwa ukuthi ngifundisa kusuka ngoMsombuluko kuze kube yiSonto. Mina nabafundi bami kuyaziwa ngisho emphakathini ukuthi isikhathi sethu sisichitha esikoleni.

“Njengoba ngikhuluma nawe nje, sesiqalile siyafunda, kuthe kufika uJulayi 15, wangonyaka odlule, bese ngiqedile okonyaka. Sibe sesiqala sibheka emuva ebese sikufundile kuze kube kufika isikhathi sesivivinyo zokuphela konyaka,” kuchaza yena.

Uthe okwenze uMkhanyakude waba yisifundazwe esihamba phambili ukuthi bayahambelana njengezikole nokwenza basebenze kahle nabanye ozakwabo namalungu omphakathi.

“IMeya yaseJozini, uMfananaye Mathe, yenza omkhulu umsebenzi ngokuthengela izikole ukudla uma sekubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka. Lokho kwenza abafundi babe nesikhathi esiningi esikoleni, kanjalo abahloli bayasinaka kakhulu ngezinto esisuke sizidinga.

“Nabazali-ke bayazinikela ekutheni izingane ziyaya esikoleni futhi bayasivikela kukhona konke okubi okungasehlela uma sisebenza ebusuku, ngakho eMkhanyakude sibambene nanozakwethu bakwezinye izikole,” kuchaza yena.

Uthe isikhathi somculo usithola ebusuku nala enza khona umculo bese ekhipha i-albhamu. Uthe kulo nyaka uhlela ukukhipha ngoJuni.

UMathe ubonge wonke umuntu ngokubambisana kusuka kothisha, abazali nabafundi, wathi uhlelo lwabo ngeke baze baluyeke njengoba luthele izithelo.

“Sila sikhona ngenxa yezinqumo esazithatha sokufaka isandla sokuzisa abafundi. Abafundi abangaphumelelanga ababuyele esikoleni bazame futhi,” usho kanje.