Ezokungcebeleka

Kugcwale phama behlukanisa unyaka ngomculo nomkhuleko

Simangaliso Ntshangase|Published

UREBECCA Malope enandisa kwiMayine Crossover Gospel Experience Isithombe: SITHUNYELWE

KUQOPHEKE umlando endimeni yezomculo e-ICC, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku, kubuthana amakholwa, abaholi bamahlelo ehlukene, ikakhulu awenkolo yobuKristu, kwasha idili lomculo wokholo, obelihambisana nomkhuleko kwiMayine Crossover Gospel Experience.

UHLENGIWE Mhlaba enandisa kwiMayine Crossover Gospel Experience Isithombe: SITHUNYELWE

Lo mcimbi, onhloso yawo wukuhlukanisa unyaka ngomculo wokholo futhi obekugcwele phama kuwona njengoba amathikithi edayise wonke aphela, uvulwe ngomkhuleko wuMfundisi Mbabazi Ngcobo webandla i-UCCSA.

UDUMI Mkokstad enandisa kwiMayine Crossover Gospel Experience Isithombe: SITHUNYELWE

Nakuba umcimbi ungaqalanga ngesikhathi obekulindeleke ngaso u-6 ntambama, ngenxa yokungagcini isikhathi kwabantu, kodwa uqale ngegiya eliphezulu, inkundla ivulwa yisilomo somculi wokholo uDumi Mkokstad.

INJABULO ibiqhuma phezulu ebantwini abebehambele iMayine Crossover Gospel Experience Izithombe: ZITHUNYELWE

Mhla kwethulwa umcimbi kwabezindaba, abahleli bawo baveza ukuthi babezokwenza inhlolokhono yekhwaya ezonandisa ngelanga lomcimbi. Kube njalo ngempela sekungena iMayine Choir, eqhulule inqwaba yamaculo eZayoni, cishe ihora lonke - ithakaselwa.

IMAYINE Choir inandisa kwiMayine Crossover Gospel Experience Isithombe: SITHUNYELWE

Omunye wamalungu ekhwaya uDumisani Manukuza waKwaMhlabuyalingana, uthe ukholwa wukuthi leli thuba abalitholile lizosiza okungenani ingxenye yabo ukuvula iminyango kwezomculo.

ULINDA Sibiya noBrenda Mhlongo bephethe uhlelo kwiMayine Crossover Gospel Experience Isithombe: SITHUNYELWE

“Kukhulu kakhulu kimina lokhu ikakhulu ngoba kade ngangizama ukuchuma kwezomculo, ngicula ngemuva kubaculi engingabala kubona uThinah Zungu noSipho Ngwenya, ngakho ukuba khona kwingqophamlando enjena kunginika ithemba,” usho kanje.

Inkundla ishukume kakhulu futhi sekungena izinkakha zomculo wokholo oHlengiwe Mhlaba noRebecca Malope oshaye ingoma waze wehla e-stage, wacula phansi nabalandeli bakhe, beviliyela, waze wayophuma ngomnyango eseqeda ukucula.

UPHINDIP enandisa kwiMayine Crossover Gospel Experience Isithombe: SITHUNYELWE

Umnikazi womcimbi uSibongiseni “Mageza” Mbambo ubhulelwe amazolo wumsakazi woKhozi FM, uPhindiP, owenze ezibukwayo ngamaculo okudumisa.

UBENJAMIN Dube enandisa kwiMayine Crossover Gospel Experience Isithombe: SITHUNYELWE

Sekusele imizuzu emihlanu ngaphambi kokuthi kuhlukane unyaka, kungene uMageza, wabonga bonke ababe nesandla ukuthi umbono wakhe ube yimpumelelo, wase ekhuleka kungenwa ku-2025.

Unyaka uhlukaniswe ngowayengumsakazi woKhozi FM, uLinda Sibiya, yasho inhlokomo, abantu bejabulela unyaka omusha. Emva kwalapho kungene enye futhi inkakha yezomculo, uBenjamini Dube, kwaqhubeka indumiso.