Ezokungcebeleka

Baqungele imvula behlukanisa nge-Gucci kwi-Last Dance eMphithi

Fanelesibonge Bengu|Published

UMTHANDENI SK ecula kwi-Last Dance Music Festival eMgungundlovu lapho ehlukanise khona bukhoma unyaka kwi-SABC1 Izithombe: SIBONELO NGCOBO

BADEMELAYISE imvula bahlukanisa unyaka ngoMthandeni SK abantu abebehambele umcimbi i-Last Dance Music Festival obiseRoyal Showgrounds eMgungundlovu ngoLwesibili ebusuku.

I-Last Dance ibiqeda iminyake engu-15 yasungulwa.

ABANTU bebephume ngobuningi babo kwi-Last Dance

Imvula ebina izikhawu ayibadikibalisanga abantu, kunalokho bathuthelane ngobuningi babo enkundleni.

Kushaye u-9 ebusuku kungakagcwali kodwa ngokuqhubeka kobusuku abantu bagcina beyizindimbane.

Inkundla ishukunyiswe ngabaculi no-DJ abehlukene.

Umcimbi ubukhonjiswa bukhoma kwi-SABC1 kusuka ngo-9 ebusuku lapho uhlelo beluphethwe nguZanele Potelwa noSiphesihle Vazi.

Kwithelevishini kuvule uDJ Happy Gal obedlala izinhlobo zomculo ezehlukene wayivala ngomaskandi.

Abanye abebenandisa ngoGatsheni, Dlala Thukzin, eMtee, Focalist, Zee Nxumalo, Bassie othe uyaqala ukucula KwaZulu-Natal noGoldmax.

Justice Kubheka

Kuthe sekubhekwe ku-12 kwangena umrepha u-Usimamane. Akuphelanga sikhathi kwathi phakathi kwamabili kwangena uMthandeni SK eshaya i-Gucci apike kuyo uMawhoo.

“Angikaze ngimbone okaJesu enqotshiwe. Nibonile angithi namhlanje?” kusho uMthandeni SK.

Ayanda Ntanzi

IMeya kaMasipala uMsunduzi okuyiwo obungabaxhasi abakhulu bomcimbi, uMzi Thebolla, yemukele abantu onyakeni omusha.

“Siyabonga kakhulu futhi sinethembisa umcimbi omkhulu futhi ongcono ngokuzayo,” kushaya imeya ngamafuphi.

Abanye abanandisile kubalwa u-Aymos, Ayanda Ntanzi, Khuzani, Babes Wodumo, Mawhoo, nabanye abaningi kwaze kwasa.

ABANTU bebehamba ngolayini sekusile kwi-Last Dance